Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 U-Oskido uzohlonishwa ngekhethekile kumaSama

U-Oskido uzohlonishwa ngekhethekile kumaSama

by | 3 November 2024

LUCKY CAIN

IZOHLONISHWA ngendondo eyisipesheli inkakha kaDJ, u-Oskido (osesithombeni) – ogama lakhe ngempela ngu-Oscar Mdlongwa – ngeqhaza layo ekuthuthukiseni umculo waseNingizimu Afrika. 

Lo DJ uzohlonishwa ngeRiSA Chairpeson’s Award, emcimbini weSouth African Music Awards, ozoba ngoMgqibelo eGallagher Convention Centre, eGoli. U-Oskido ongomunye wabasunguli benkampani yodumo, iKalawa Jazmee, ayaziwa amagalelo akhe emculweni nje-ngoba le nkampani ikhiqize inqwaba yabaculi namaqembu adumile kuleli. 

Phakathi kwabo kubalwa iBoom Shaka, iTrompies, iMafikizolo, iBrothers of Peace, iBongo Maffin, uT’zozo and Professor, ne-Uhuru. 

Ephawula ngokuhlonishwa kwakhe ngale ndondo u-Oskido, uthe uzizwa ejabulile futhi ethobekile. 

Isikhulu esiphezulu kwaRiSA, uNhlanhla Sibisi, sithe ngeke ukhulume ngomculo waseNingizimu Afrika ungalifaki igama lika-Oskido nangomthelela wakhe kuwona. Sithe beyinhlangano babone kumfanele ukuhlonishwa ngale ndondo. 

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...