Ilanga News
Home 9 Featured 9 U-O’Sullivan ugcine evelile kwelasePhalamende

U-O’Sullivan ugcine evelile kwelasePhalamende

by | 10 February 2026

UCHAZE ngesimo sokugula neminyaka yakhe ewu-70 ubudala njengembangela yokucela ukuthi kuqedwe ngehora lesikhombisa ukuphekwa kwakhe ngemibuzo uMnu Paul O’Sullivan ngesikhathi evela phambi kwekomidi lePhalamende eliphenya ngezinsolo ezenziwa nguLt Gen Nhlanhla Mkhwanazi zokugxambukela kwepolitiki ekusebenzeni kwamaphoyisa nakwingalo yomthetho i-Ad Hoc.

U-O’Sullivan kuke kwaba nezihibe ukuvela kwakhe kuleli komidi phambilini njengoba akhala ngezikuphepha kwakhe kulandela ukuthola izinsolo zokusatshiswa kwempilo yakhe.

NgoLwesibili ugcine evelile phambi kwaleli komidi kanti ngaphambi kokuthi kuqale ukuphekwa kwakhe ngemibuzo wenze izicelo kuleli komidi.

Ucele ukuthi ukuphekwa kwakhe ngemibuzo kuleli komidi kungaqhubeki kuze kudlule ihora lesikhombisa ngenxa yesimo sempilo yakhe.

Uthe ngenxa yokugula kwakhe ngeke akwazi ukuhlala esihlalweni isikhathi eside njengoba kuphoqa ukuthi kushaye isikhathi esithile eselele ngenxa yokuhlaselwa yizinhlungu.

Nebala uSihlalo waleli komidi uMnu Soviet Lekganyane usivumile lesi sicelo sakhe.

Ube esefungiswa ukuthi uzokhuluma iqiniso lodwa phambi kwaleli komidi.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...