Ilanga News
Home 9 Featured 9 U-O’Sullivan uzimisele ngokuvela kwekaMadlanga

U-O’Sullivan uzimisele ngokuvela kwekaMadlanga

by | 3 March 2026


UTHE uzimisele ngokuya kwiKhomishini kaMadla-nga usomabhizinisi onenkampani yabaphenyi, uMnu Paul O’Sullivan (osesithombeni).
Lokhu kulandela isigameko sangeledlule lapho emangaze abaningi ngokuduba ikomidi lasePhala-mende eliphenya ngezinsolo ezenziwa nguMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi, zokugxambukela kwesandla semfene emaphoyiseni akuleli nakwingalo yomthetho.


U-O’Sullivan ekhuluma nabezindaba be-eNCA, uveze ukuthi uzimisele ukuvela kule khomishini, futhi useyibhalelile, wayinika nesitatimende sakhe.
Uthe utshele le khomishini ukuthi kumele iphenye amalungu aleli komidi lasePhalamende, akholelwa wukuthi ajutshwe ukuzovikela izigilamkhuba kulona. U-O’Sullivan akaphumelanga obala ngokubuyela kwakhe kuleli komidi alidube ngeledlule.
Kunalokho uthe ukubuyela kulona uzolawulwa wumthetho, futhi namalungu alo azibophezele ukuyeka ukumhlukumeza ngemibuzo yawo.


Usole amalungu ekomidi ngokumehlisa isithunzi, nokumbiza ngesigilamkhuba esimataniswa nezidakamizwa.
Kulo mthombo wabezindaba, u-O’Sullivan uveze ukuthi wayevumelene naleli komidi ukuthi uzohlala kuze kushaye ihora lokuqala, njengoba kwakumele agibele ibhanoyi ngale kwehora lesithathu, eliba-ngisa eGoli.


Udalule ukuthi inhloso yakhe yokubuyeka eGoli, kwakumayelana nokuhlinzwa kwakhe edolweni. Uthe ukuhlinzwa kwakhe kwakumele kwenzeke ngoLwesithathu, kodwa kwangenzeka ngenxa yokuvela kwakhe kuleli komidi.
Ukuchithile ukuthi ukuduba kwakhe kuleli komidi kwakuwukudelela iPhalamende, njengoba eveze ukuthi ubezibophezele ukuphendula yonke imibuzo ngokweqiniso lodwa.
lucky.cain@ilanganews.co.za

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...