Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 UBayanda Walaza wephule elinye irekhodi

UBayanda Walaza wephule elinye irekhodi

by | 19 March 2025

USEPHINDE adume ngazo uBayanda Walaza enza irekhodi lamajuniya emidlalweni ye-Athletics South Africa (ASA) Grand Prix 2 eqhubekayo eJohannesburg.

Kulo mqhudelwano ubegijima i-200m wabeka isikhathi esiwu-20.08sec. Ngeledlule wenze okufanayo enza irekhodi lesigaba sakhe kwi-100m, enza u-9.99sec okuyisikhathi esingakaze senziwe kulo nyaka emhlabeni.

Kuzokhumbuleka lo msubathi ukuthi ungomunye wabahlomulela iNingizimu Afrika indondo yesiliva kuma-Olympic Games nyakenye eParis, eFrance.

Ezisematheni

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

INHLANGANO yamaBandla ezenkolo, iKwaZulu-Natal Christian Council (KCC), ithi izotshala izingqapheli ezingu 440, ukuqapha ukhetho esifundazweni. Esikhathini esingaphansi kwenyanga, kuzoba kuvotwa kulelizwe ngoba ukhetho loHulumeni baseKhaya, lungomhlaka 4 kuLwezi...

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

KUPHENYWA icala lokushona kwesalukazi esineminyaka engu-72, okutholwe isidumbu saso sesonakele emzini waso, eLovu ngaseManzimtoti. Umufi uNkz Gloria Mashila kusolakala ukuthi bese kuphele izinyanga ezimbili eshonile. Indodana yakhe uMnu Jomo Mashila (44) okusolakala...

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal aphenya ngesigameko sokudutshulwa komholi we-African National Congress (ANC), maphakathi neKwaZulu-Natal. UMnu Samora Ndlovu (43), owake waba yiMeya yaseRichmond, waba futhi nguNobhala we-ANC eMoses Mabhida Region (eMgungundlovu), udutshulwe...