Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 UBayanda Walaza wephule elinye irekhodi

UBayanda Walaza wephule elinye irekhodi

by | 19 March 2025

USEPHINDE adume ngazo uBayanda Walaza enza irekhodi lamajuniya emidlalweni ye-Athletics South Africa (ASA) Grand Prix 2 eqhubekayo eJohannesburg.

Kulo mqhudelwano ubegijima i-200m wabeka isikhathi esiwu-20.08sec. Ngeledlule wenze okufanayo enza irekhodi lesigaba sakhe kwi-100m, enza u-9.99sec okuyisikhathi esingakaze senziwe kulo nyaka emhlabeni.

Kuzokhumbuleka lo msubathi ukuthi ungomunye wabahlomulela iNingizimu Afrika indondo yesiliva kuma-Olympic Games nyakenye eParis, eFrance.

Ezisematheni

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...