SENZO SOKHELA
UPHUMELA obala uDeano van Rooyen (osesithombeni) ngesizathu esenze wanqaba ukuqhubeka nokuhlala kwiSte-llenbosch FC abeseyidlalele imi-nyaka eminingi, ebeyimncenga uku-ba angahambi kodwa wanquma ukuyojoyina i-Orlando Pirates.
IBucs izobhekana neStellenbo-sch koweBetway Premiership nge-Sonto ngo-15h30 e-Orlando Sta-dium, eSoweto.
Imemezele ukuthi ibambe ufishi omkhulu isayinisa uDeano van Rooyen obedlala emuva kwi-Stellies futhi engukaputeni wayo.
Lo mdlali ekhuluma nabezindaba ngoLwesihlanu ekuseni, uthe:
“Kuningi obekushiwo ngapha-mbi kokuba ngihambe, njengoku-thi nje abadlali baseKapa bafike bahluleke eGauteng.
“Kodwa mina ngizitshelile ukuthi ngizosebenza kanzima, ngizo-kwenza lokhu okufunwa ngaba-qeqeshi.
“Yebo bebefuna ukuthi ngihlale bengincenga, kodwa ngaba-tshela ukuthi ngicela bangidedele ngiyofeza amaphupho ami.
“Bengifuna into eyehlukile ebholeni lami kwazise bese ngihlale iminyaka ewu-8 kwiSte-llenbosch.
“Bengifuna ukuzibonela, ngizizwele ukuthi kunjani ukuyodlala kwenye indawo engaphandle kwaseKapa,” esho.
Ebuzwa ukuthi uzizwa kanjani njengoba ezobhekana nekilabhu ayihole iminyaka uthe: “Engiku-yela kulo mdlalo wukuyodlala ibhola ngendlela engitshelwe nga-yo ngumqeqeshi wethu.
“Ngiyela ukuyokwenza umsebenzi engiwuqashelwe, ukuqinisekisa ukuthi iPirates engiqashile iyanqoba,” esho. IBucs iya kulo mdlalo ihambela phezulu emuva kokuguqisa iCR Belouizdad yase-Algeria kowamaqoqo weCAF Champions Lea-gue ngoLwesibili kanti iStellies iyabhibha iguqiswe yiStade de Malien koweCaf Confederation ngoLwesi-thathu ekuhambeni.
* Isiyonke imidlalo yeBetway Premiership engempelasonto imi kanje:-
NGOMGQIBELO
EKing Zwelithini Stadium: Richards Bay FC vs AmaZulu FC 15h30.
ENew Peter Mokaba Stadium: Kaizer Chiefs vs Royal AM 17h45.
EBuffalo City: Chippa United vs Magesi FC 20h00.
ELoftus Versfeld: Mamelodi Sundowns vs Sekhukhune United 20h00.
NGESONTO
EMpumalanga Stadium: Lamontville Golden Arrows vs Cape Town City 15h30.
E-Orlando Stadium: Orlando Pirates vs Stellenbosch FC 15h30.
E-Old Peter Mokaba Stadium: Polokwane City vs TS Galaxy 17h45.