Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Ubesefuna okwehlukile ejoyina iBucs

Ubesefuna okwehlukile ejoyina iBucs

by | 1 December 2024

SENZO SOKHELA 

UPHUMELA obala uDeano van Rooyen (osesithombeni) ngesizathu esenze wanqaba ukuqhubeka nokuhlala kwiSte-llenbosch FC abeseyidlalele imi-nyaka eminingi, ebeyimncenga uku-ba angahambi kodwa wanquma ukuyojoyina i-Orlando Pirates. 

IBucs izobhekana neStellenbo-sch koweBetway Premiership nge-Sonto ngo-15h30 e-Orlando Sta-dium, eSoweto. 

Imemezele ukuthi ibambe ufishi omkhulu isayinisa uDeano van Rooyen obedlala emuva kwi-Stellies futhi engukaputeni wayo. 

Deano Van Rooyen of Orlando Pirates during the Betway Premiership 2024/25 match between Orlando Pirates and Chippa United, at Orlando Stadium in Soweto on 18 September 2024 © Sydney Mahlangu/BackpagePix

Lo mdlali ekhuluma nabezindaba ngoLwesihlanu ekuseni, uthe: 

“Kuningi obekushiwo ngapha-mbi kokuba ngihambe, njengoku-thi nje abadlali baseKapa bafike bahluleke eGauteng. 

“Kodwa mina ngizitshelile ukuthi ngizosebenza kanzima, ngizo-kwenza lokhu okufunwa ngaba-qeqeshi. 

“Yebo bebefuna ukuthi ngihlale bengincenga, kodwa ngaba-tshela ukuthi ngicela bangidedele ngiyofeza amaphupho ami. 

“Bengifuna into eyehlukile ebholeni lami kwazise bese ngihlale iminyaka ewu-8 kwiSte-llenbosch. 

“Bengifuna ukuzibonela, ngizizwele ukuthi kunjani ukuyodlala kwenye indawo engaphandle kwaseKapa,” esho.

Ebuzwa ukuthi uzizwa kanjani njengoba ezobhekana nekilabhu ayihole iminyaka uthe: “Engiku-yela kulo mdlalo wukuyodlala ibhola ngendlela engitshelwe nga-yo ngumqeqeshi wethu.    

“Ngiyela ukuyokwenza umsebenzi engiwuqashelwe, ukuqinisekisa ukuthi iPirates engiqashile iyanqoba,” esho. IBucs iya kulo mdlalo ihambela phezulu emuva kokuguqisa iCR Belouizdad yase-Algeria kowamaqoqo weCAF Champions Lea-gue ngoLwesibili kanti iStellies iyabhibha iguqiswe yiStade de Malien koweCaf Confederation ngoLwesi-thathu ekuhambeni. 

* Isiyonke imidlalo yeBetway Premiership engempelasonto imi kanje:-

NGOMGQIBELO

EKing Zwelithini Stadium: Richards Bay FC vs AmaZulu FC 15h30.

ENew Peter Mokaba Stadium: Kaizer Chiefs vs Royal AM 17h45.

EBuffalo City: Chippa United vs Magesi FC 20h00.

ELoftus Versfeld: Mamelodi Sundowns vs Sekhukhune United 20h00.

NGESONTO

EMpumalanga Stadium: Lamontville Golden Arrows vs Cape Town City 15h30.

E-Orlando Stadium: Orlando Pirates vs Stellenbosch FC 15h30.

E-Old Peter Mokaba Stadium: Polokwane City vs TS Galaxy 17h45.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...