Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ubeshiywa yigazi osinde kubhujwa engozini kuN2

Ubeshiywa yigazi osinde kubhujwa engozini kuN2

by | 13 May 2025

UYE enkonzweni ezihudula owesifazane osinde engozini enyantisayo eyenzeke emgwaqweni onguthelawayeka uN2 eMpangeni. Le ngozi yenzeke ngezithuba zasekuseni ngehora lesithupha amalungu ebandla lamaZayoni ashaya izigubhu esemotweni iHyndai H-1. Kule ngozi kuphangalale amalungu aleli bandla awu-9.

ILANGA lifike endaweni yesigameko lathola umbiko wokuthi imoto ebilayishe amakholwa awu-24 ishayiswe yiloli edonsa izimoto namanye amaloli asuke enezinkinga (Tower truck). Iloli lingene ngemuva imoto ebilayishe abazalwane. Imibiko engakaqisekiswa iveze ukuthi umshayeli weloli ukhale ngokuthi ubehlaselwe wubuthongo. Phakathi kwezinye izinto eziwubufakazi bokuthi imoto ibihamba amakholwa asezayoni kube yizigubhu ezakhiwa ngezikhumba okudunyiswa ngazo kuleli bandla. Bekukhona nezembatho eziyimibala eyehlukene ezigqokwa ngamalungu aleli bandla.

Amakholwa ehlelwe yilo muga elibangise emakhaya eDukuduku, eMtubatuba, ephuma enkonzweni abeyihambise komunye umndeni ogcine ungadalulwanga eSikhaleni ngaphandle kwaseMpangeni. Ngesikhathi lifika leli phephandaba izidumbu zezisulu bezilele phansi emgwaqweni. Abezimo eziphuthumayo bemikhakha eyehlukene bebematasa nomsebenzi wokunikezela ngosizo kubona bonke abalimele kule ngozi.


UNkz Thabisile Mkhwanazi osinde kulesi sibhicongo obematasa ezama ukusiza izingane ezithintekile kule ngozi utshele ILANGA ukuthi ubengathandi ukuya enkonzweni. Ukhulume kafushane wathi ubeshiywa yigazi engazizwa kahle.

“Kusukela izolo (ngoMgqibelo) umzimba wami ubuphansi ngingazizwa kahle. Ngiye enkonzweni ngoba ngingomunye wamalungu obekufanele abe yingxenye yenkonzo. Ngeke ngikwazi ukwelula ngobekuyokwenziwa kule nkonzo,” kusho uMkhwanazi.


Ngakolunye uhlangothi kwenzeke ingozi efanayo kuwona lo mgwaqo ebangeni elihanjwa isikhathi esilinganiselwa kwimizuzu eyisihlanu kuya kweyisikhombisa. Le ngozi ibandakanya abesilisa abathathu abebehamba ngemoto encane. Kubikwa ukuthi imoto yabo ingene ngemuva enye imoto encane ebe ilayishe abantu abayisithupha. Kwabesilisa abathathu kushone ababili oyedwa kanye nabayisithupha baphuthunyiswa esibhedlela.


Okhulumela uMnyango wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal uMnu Ndabezinhle Sibiya ukhiphe isitatimende edlulisa amazwi enduduzo egameni likaNgqongqoshe walo mnyango uMnu Siboniso Duma. “Ungqongqoshe walo mnyango uthole umbiko ngehora lesiphutha ekuseni. Kule ngozi kuphangalale nabantu besifazane abangomama abahola imindeni. Ukushona komuntu ongumama kuyasishintsha ngisho nesimo somndeni. UDuma udlulise amazwi kubona bonke abathintekile okuhlanganisa namalungu aleli bandla,” kuphetha uSibiya.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...