Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo Featured 9 ‘Ubevele engagijimeli ukunqoba iComrades’

‘Ubevele engagijimeli ukunqoba iComrades’

by | 10 June 2025


UMSEBENZI wakhe bekuwukushukumisa umjaho ibanga eliwu-30km kuphela kwiComrades Marathon u-Onalenna Khonkhobe, kodwa ngenxa yokujatshulelwa ngabantu emzileni, wagcina esenza okungaphezulu.

Lo mgijimi waseTaung, eNorth West, ekhuluma neRadio 2000 izolo ngoMsombuluko, uthe umsebenzi wakhe bekuwukuba yi-pacesetter, okuwukusiza abagcina beyizingqwele ukuthi benze izikhathi ezingcono kulo mjaho.

Uzakhele igama eqengqeleza phambili cishe amahora amane, ehambe ebingelela izihlwele. Uthi bekumele agijimi u-30km, bese ezongela iSoweto Marathon engoLwezi (November) azokube evikela isicoco sayo. Ugcine esegijima u-75km.

“IComrades yangonyaka odlule beyibanda, ngifike ngayishukumisa kulo nyaka, futhi abantu bakuthandile lokho,” esho.

UBESEFA yizidubulo u-Onalenna Khonkhobe ogcine engawuqedanga umjaho iComrades Marathon, nakuba eqengqeleze yedwa amahora amane.

Uthi uphoqeleke ukuqhubeka nokugijima, esenzela izibukeli.

“Kuthe sengidlula ku-42km, ngabona izihlwele zingijabulela. Ezinye bezithi ‘masiye, masiye!’ ezinye zithi ‘ngiyabheja ngawe!’. Kwezinye izindawo inhlokomo ibingivala izindlebe, abantu bejabula beze bangene emgwaqweni. Yilapho ngibone khona ukuthi kumele ngiqhubeke.”

Umqeqeshi kaKhonkhobe, uTheo Mpolokeng, uthi ushaye imoto waya ebangeni eliwu-35km ukuyocosha lo mgijimi, wafika esedlule ngehubo.

“Ngethuke ngoma ngimbona kumabonakude esaqhubeka nokugijima, ngoba lokho besingakuhlelile. Bengikhathazekile ukuthi uzodonseka imisipha, kuphazamiseke amalungiselelo ethu eSoweto Marathon,” kusho uMpolokeng.

Uthi kodwa umjabulele lo msubathi ngoba uyamazi ukuth uyazifela ngodumo.

UKhonkhobe uyingqwele yeSoweto Marathon, iTwo Oceans Marathon nePrince Mangosuthu Ultra Marathon.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...