Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 UBig Zulu uphumele obala ngokuthatha isithembu

UBig Zulu uphumele obala ngokuthatha isithembu

by | 12 May 2025

ISILOMO somrepha wakuleli uBig Zulu usephumele obala ngembangela emenza afune ukuthatha isithembu.

Lo mrepha ogamalakhe langempela uSiyabonga Nene odabuka eBergville uphumele obala kwiPodcast kaMcG iPodcast and Chill lapho eveze khona ukuthi isiphi isizathu esingamenza acele ukuthatha omunye unkosikazi.

Kule podcast uBig Zulu ukuvezile ukuthi unaye umama aphilisana naye futhi ahlala naye eGoli kanti unomunye umuzi eThekwini.

Uphinde wadalula ukuthi nakubo eBergville usanda kwakha umuzi omkhulu ongahlali muntu njengoba iningi lamalungu omndeni engasahlali khona futhi abazali bengasekho emhlabeni.

Ngaphambi kokuthi ayichaze imbangela yakhe yokufuna isithembu uqale wavuma ukuthi uyazi ukuthi le nkulumo izomfaka enkingeni nomama wakwakhe.

Ukuvezile ukuthi konke kuhamba kahle nomama wakwakhe futhi ujabule ngaye ngaphambi kokuveza ukuthi ekhaya kubo eBergville sekusele umalume wakhe obizwa ngoNkalakatha kuphela.

“Uma ngelinye ilanga kuyenzeka ukuthi umalume Nkalakatha uyalimala kusho ukuthi loya muzi usuvaliwe ngenxa yokuthi akekho umuntu owalethwa samcela ukuthi azosivusela leli khaya,” kuchaza lo mrepha eveza ukuthi umuzi awakha uhlala ukhiyiwe.

“Ekhaya kuyafuneka ukuthi kuhlale kuhlale kushunqe kubonakale izingane zigijima ebaleni ukuze kubonakale ukuthi kuyaphilwa kulo muzi,” esho.

“Mina isizathu sami sokucela ukuthatha wukuthi ngiyafisa leliya khaya lakithi lingashabalali ngoba yonke imvelaphi yethu, inkaba yami yasala khona ngakho ngamanye amagama ngamandla amancane abakithi abangipha wona nami ngiyawubulala lo muzi ngoba akekho umuntu engamletha ukuzowuvusa,” kusho uBig Zulu.

Uqhube ngokuthi umama ahlala naye eGoli umphethe kahle kakhulu kodwa ekhaya eBergville kusanenkinga ngoba akekho okhona.

UBig Zulu usanda kukhipha i-albhamu esihloko sithi Icala Lempumelelo ayethule eThekwini naseGoli phambi kwabalandeli bakhe.

Igabe ngezingoma okubalwa kuzo Mthulise apike kuyona uShwi, Abazazi Bafunani apike kuyona u-Emtee kanti zikhona nezinye apike kuzona abaculi abahlukene.

UBig Zulu ungomunye womrepha bakuleli abathandwayo njengoba eseke wahlabana nenqwaba yezindondo kanti unenkampani yakhe Inkabi Records aqopha kuyona abaculi okubalwa kubo uLwah Ndlunkulu, Mduduzi Mncube, Xowla Stallion, Siya Ntuli nabanye.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...