Ilanga News
Home 9 Featured 9 Umhlaziyi ukhala ngobuholi obuchitshiyelwe be-ANC eKZN

Umhlaziyi ukhala ngobuholi obuchitshiyelwe be-ANC eKZN

by | 27 February 2025

NGUNKK Weziwe Thusi, nguMnu Jeff Hadebe, nguMnu Fikile Mbalula, nguMnu Mike Mabuyakhulu, nguNkk Nomusa Dube-Ncube noNkz Nomagugu Simelane.

UMHLAZIYI wezepolitiki ozimele, uSolwazi Bheki Mngomezulu, usola indlela ethathwe yi-ANC ukuzama ukuqhamuka nesixazululo ngezinkinga ezibhekene naleli qembu KwaZulu-Natal.

NgoLwesibili uNobhala Jikelele we-ANC, uMnu Fikile Mbalula umemezele ubuholi obuchitshiyeliwe baleli qembu, obuhlanganisa izingwevu zalo. Lobu buholi buqhamuka ngemuva kwesinqumo sesigungu esiphezulu se-ANC, sokuchibiyela ubuholi baleli qembu eKZN, kulandela ukungenzi kahle okhethweni lukazwelonke nolwezifundazwe lwangonyaka owedlule.

UMbalula umemezele ubuholi obuzothatha izintambo kuleli qembu esifundazweni obuzoholwa nguMnu Jeff Radebe (72) njengoMdidiyeli, nguNkk Weziwe Thusi (73) iPhini lokuqala loMdidiyeli, nguMnu Siboniso Duma (49) iPhini lesibili loMdidiyeli, nguMnu Mike Mabuyakhulu (60) uMgqugquzeli, nguNkk Nomusa Dube-Ncube iPhini loMgqugquzeli noNkz Nomagugu Simelane (48) uMqoqi Wemali.

Ukumenyezelwa kwalobu buholi kulandelwe wuhide lwabanye abaholi baleli qembu abazokwakha isigungu esiphezulu esifundazweni njengoba sebebonke bewu-67. UMngomezulu uthe bekungafanele lithathe le ndlela eliyithathile, njengoba izinkinga zingaphezulu kunalokhu. Uthe nakuba bekumele kube khona okwenziwayo ngesimo saleli qembu, kodwa bekungamele kusetshenziswe le ndlela.

“Okokuqala, uma ubheka laba baholi abaqokiwe, badala futhi kade baba khona ebuholini baleli qembu. Izinkinga ezikhona ziqale bekhona abanye babo, besebuholini. Ngakho ukubabuyisa ngethemba lokuthi kukhona okusha abazoqhamuka nakho, kuwumdlalo,” kusho uMngomezulu ebuza ukuthi buphi ubuholi obusebusha, okumele buqhamuke nezinye izindlela zokuhola.

Uthe ubona ukuthi izinkinga zaleli qembu zisazoqhubeka. UMngomezulu weluleke ngokuthi bekungawenza umehluko ukuthi leli qembu liqale ngokuzehlisa kubalandeli, liphinde lixolise nasemphakathini jikelele ongewona amalungu, kodwa obulivotela.

Uthi kuningi okwenziwe yileli qembu okunenge amalungu alo nabantu jikelele, ngakho ukuzehlisa bekungaba yisitebhisi sokuqala, bese libhekana ngqo nezinkinga zomphakathi. UMngomezulu uveze ukuthi ukwehla kwaleli qembu akwenzekanga KwaZuluNatal kuphela, kodwa lehle eNingizimu Afrika jikelele, kuhlanganisa nezifundazwe elisazihola.

“Ngakho ukugxila ezifundazweni ezimbili kusewukubalekela iqiniso ngezinkinga,” esho.

Ukumenyezelwa kwalobu buholi obuchitshiyelwe kushiye imibuzo ngezikhundla zongqongqoshe baleli qembu abaqashwe kuhulumeni wobumbano esifundazweni, njengoba lingacaci ikusasa labo kulezi zikhundla.

I-ANC kulo hulumeni inoDuma njengoNgqogqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu nezokuThutha, uNkz Simelane wezeMpilo noMnu Sipho Hlomuka njengowezeMfundo.

UMbalula uthe kuzonquma lobu buholi ngabaholi be-ANC abajutshwe kulo hulumeni.

UMabuyakhulu uthe bazobeseka abaholi babo abajutshwe kuhulumeni, futhi bazoqhubeka nokubambisana nohulumeni wobumbano esifundazweni ukuqinisekisa ukuthi izidingo ziyafinyelela kubantu.

UMbalula izolo ngoLwesithathu umemezele ubuholi obuchitshiyeliwe eGauteng.

Ezisematheni

Uzokwandulelwa ngemicimbi yekhethelo owoGu Jazz Festival

Uzokwandulelwa ngemicimbi yekhethelo owoGu Jazz Festival

UZOKWANDULELWA ngemicimbi yekhethelo umcimbi waminyaka yonke Ugu Jazz Festival okulindeleke ukuthi uhehe izinkulungwane zabantu ogwini oluseningizimu neKwaZulu Natal ozoba ngomhla ka-27 kuJune nonyaka. Lo mcimbi we-jazz ukhuze ibuya ngonyaka owedlule njengoba...

I-IFP izokhankasa ngobuso bukaShenge nobukaHlabisa

I-IFP izokhankasa ngobuso bukaShenge nobukaHlabisa

ZIBUKEKA kanjena izikhibha ze-IFP ezokhankasa ngazo njengoba kuza ukhetho luHulumeni baseKhaya. ISIGUNGU esiphezulu seNkatha Freedom Party (IFP) sesithathe isinqumo sokuthi kusetshenziswe ubuso boMntwana waKwaPhindangene, iNkosi uMangosuthu Buthelezi noMengameli wayo...