UNtencane kowokuqhakambisa amasiko nemidlalo yasendulo

104

LUKCY CAIN

KUZOQHAKANJISWA amasiko nemidlalo yasendulo emcimbini wezinsuku ezintathu, iNgodini Bunduz Games, ozoqala mhla ka-29 kwephezulu uze uphothulwe mhla ka-1 December. Lo mcimbi – waminyaka yonke owenzelwa eNgodini Bunduz Adventure Park, eShowe – uzobe usuwenzeka okwesi-8 kulo nyaka. Kulindeleke ukuba uhanjelwe yizinkumbi zabantu baseNingizimu Afrika nabasemazweni angomakhelwane. 

Echaza ngokuzokwenzeka kulo nyaka umsunguli walo mcimbi – futhi ongumnikazi wale ndawo -uThokozani Mabaso, uthe kuyathokozisa ukubona lo mcimbi ukhula minyaka yonke. “Kulo nyaka silindele izicukuthwane esibalelwa ku-6 000 kwazise ngowedlule besineziwu-4900,” kuchaza uMabaso. 

UNTENCANE ongomunye wabaculi abazojabulisa abantu abazohambela lo mcimbi.

Uthe okuhlukile kulo nyaka wukuthi bazowuvula ngomviliyelo wokuqhakambisa amasiko. “Sizoba nezintombi ezizobe ziviliyela ziphelezelwa ngomama besgekle, izinsizwa namabutho abazobe bevunule beqhakambisa isiko lethu. Siyanxusa nezihambeli zethu ukuba zifike zihlobe ngengqephu ehambisana namasiko azo, ngoba sizobe sikhuthaza ubumbano lwezinhlanga nezizwe,” kusho uMabaso. 

Uthe izobe ikhona nemidlalo yakhona ejwayelekile; okubalwa eyasemandulo, eyezimoto ezihamba odakeni nokugitshelwa kwamahhashi. “Kuzoba khona nabaculi abazobe bejabulisa abantu,” kusho uMabaso. Kulaba baculi ubale uNtencane, uMzukulu noMjolisi njengabanye abazojabulisa abantu. Uthe ngexa yokuthi lo mcimbi uhanjelwa nangezinye izinhlanga, lizobe likhona neqembu laseSwazini, iDusty And Stones, elithandwa kakhulu ngabamhlophe. 

UKUGITSHELWA kwezithuthuthu namahhashi ngezinyo zezinto ezizobe zenziwa kulo mcimbi.

UMabaso uthe amathikithi asaqhubeka nokutholakala ngo-R400 eTicktes Pro  kanti nasesangweni azobe ekhona. Uveze ukuthi nawezingane akhona njengoba izobe ikhona nemidlalo ehambisana nazo. “Awezingane wona azobe edayiswa esangweni ngoba sizobe sifuna ukuzibona,” kusho yena. 

Uthe yize lo mcimbi uneqhaza elikhulu ekukhuliseni ezokuvakasha nokuhlanganisa abantu bezizwe nezinhlanga ezahlukene, kodwa usakhathezekile ngokugqoza koxhaso ngasohlangothini lukahulumeni. Uthe nakuba kunjalo, uyabonga eMnyangweni wezokuThuthukiswa koMnotho nezokuVakasha KwaZulu-Natal nakuMasipala iKing Centshwayo, okuyibona abamxhasile. Unxuse abazohambela lo mcimbi ukuba bafike bezilungiselele ngezimfanelo zokulala ehlane nezimpahla zokugqoka njengoba kuzobe kulalwa ematendeni kulezi zinsuku. “Sinawo amatende abantu abangawaqasha,” kusho uMabaso.

Previous articleOsebenze nezingqwele uzojabulisa abalandeli eThekwini
Next article23 November 2024