Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 UBrenda Mtambo uzobusisa abathandi bomculo eThekwini

UBrenda Mtambo uzobusisa abathandi bomculo eThekwini

by | 22 May 2025


NGEMUVA kwekhefu lonyaka emculweni uBrenda Mtambo uzothatha amandla ekhaya ngokuhlanganyela nabalandeli bakhe eThe Chairman, eThekwini mhlaka 25 May kule mpelasonto lapho ezobabusisa khona ngomculo.

Lo mculi uzobe eqhulula amanoni amadala namasha agcwele uthando. “Abathandi bomculo bangalindela umculo omnandi ngizobabusisa, bazophuma benelisekile futhi bezizwa kwehle nokusemahlombe benomuzwa wokuthi bayathandwa futhi baphume begqugquzelekile. Kwabadlula ezintweni ezithile bazokwazi ukuthi ababodwa bakhona nabanye asebeke badlula kuzo. Kuzobe kuwumcimbi omncane okhethekile,” kuchaza yena.

UBrenda uzakhele uthando kubathandi bomculo ngezingoma okubalwa kuzo esihloko sithi I Love You, Themba Njalo, Ungayeki, Mhlaba Wethu, Hamba Nathi nezinye.

UBrenda uthi uzizwa engumuntu ogcwele uthando. “Nginothando oluningi ngaphakathi kumina, indlela yokwabelana nalo nabanye wukusebenzisa umculo. Nginothando lobumina nolokuphola nolobudlelwano nabantu, yonke nje into echaza uthando,” esho.


Le ntokazi phambilini ike yaveza ukuthi yedlule esikhathini esinzima ngesikhathi ishonelwa wugogo wayo obeyinsika, nokwagcina kuyenze yaba nengcindezi. Echaza ngalesi simo uthe: “Konke kuhamba kahle manje, ngikwazile ukuthola usizo ukuze ngikwazi ukubhekana nesimo ngisebenzisa imishanguzo nokuxoxisana nodokotela. Nokuholele ekutheni ngamukele ukuthi kanginayo ingcindezi (depression) kepha ngibhekene nobuhlungu bokulahlekelwa, ngingasho nje ukuthi sengipholile kodwa hhayi ngokuphelele. Uma ulahlekelwa wumuntu oseduze uyashintsha, nami ngokunjalo ngizama ukwamukela ukuthi akasekho umuntu obeyikho konke kimina – sekumele ngithembele kimina uqobo,” kuqhuba yena.

Uthi kuleli khefu abekulo ubedlula esikhathini esinzima, kwesinye isikhathi bekunzima nokudilika embhedeni kepha ngoba uzele bekumele aqine. “Kuthe ngesikhathi sengibona ukuthi sekuhamba kahle ngaqala ngabhala umculo, konke ebengidlula kukho kukuwona nothando ngilwedlulise ngawo.”


Emculweni omusha uthi ngeke akhiphe i-album ngoba unenkolelo yokuthi abantu abasawalaleli, kepha kuzoba yizingoma ezizopha ngazizodwa bese kuphuma ne-EP ekugcineni.Amathikithi alo mcimbi atholakala eQuicket.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...