Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 UBroos uhlabeke umxhwele ngoMoremi kunqoba iBafana

UBroos uhlabeke umxhwele ngoMoremi kunqoba iBafana

by | 23 December 2025

(Photo by Khaled DESOUKI / AFP)


UNCOMA umdlali we-Orlando Pirates ngokungena enze umehluko omkhulu eqenjini lakhe umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos.
IBafana iyiqale kahle i-Afcon iguqisa ngo-2-1 i-Angola koka-group B ngoMsombuluko ebusuku eMorocco.
Amagoli eBafana ashaywe ngu-Oswin Appollis noLyle Foster, kwathi ele-Angola leza noShow.
UBroos akawuvali umlomo ngoTshepang Moremi ongene ngesiwombe sesibili endaweni kaMohau Nkota obecwilile kulo mdlalo.
UMoremi ungene walibeka enethini kodwa igoli lakhe laphikwa yiVAR. Kuthiwa uFoster obemunike ibhola ubesemngceleni ongafanele.
“UTshepang udlale kahle kakhulu, ukungena kwakhe kwenze sakwazi ukuhlasela ngesivinini.
Ungene waba wuhlupho kwizimbangi, wenze omukhulu umsebenzi kule mizuzu ewu-45 ayidlalile,” kusho uBroos.
IBafana izolandela ne-Egypt ngoLwesihlanu ngo-15h00.
I-Egypt nayo ilivule kahle leli qoqo ihlula ngo-2-1 iZimbabwe ngoMsombuluko ebusuku.
IZimbabwe yona izodlala ne-Angola ngoLwesihlanu ngo-14h30.
Imidlalo ye-Afcon namuhla ngoLwesibili iqhathwe kanje:
DR Congo vs Benin 14h30.
Senegal vs Botswana 17h00.
Nigeria vs Tanzania 19h30.
Tunisia vs Uganda 22h00.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...