Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Ubukhulu bomzimba nobude ngeke busabhekwa kuMiss SA

Ubukhulu bomzimba nobude ngeke busabhekwa kuMiss SA

by | 8 April 2025


IXEGISIWE imibandela kwabesifazane abafisa ukungenela isicoco sikaMiss South Africa. Kwimingenelo yalo nyaka abangenelayo kumele babe neminyaka esukela ku-20 kodwa futhi bangabi ngaphezu kuka-32 makushaya u-30 August nonyaka. Okunye okungezubhekwa kubalwa ubude bethambo, isisindo somzimba neminyaka yobudala.


“Lokhu kusho ukuthi ongenelayo angaba neminyaka ewu-32 ngesikhathi sokuthwala kwesicoco. Phambilini ongenelayo bekumele abe neminyaka ewu-30 ngesikhathi sokuthweswa isicoco,” kusho abahleli
Ukuvulwa kwemingenelo kuqalwe mhla ka 2 kuyo le nyanga, kuzovalwa mhla ka 11 April, abafisa ukungenela bangangena kwi-website ethi: www.misssa.co.za baphendule imibuzo ekhona, bafake isithombe esiphelele nesiwuhhafu ne-video yokungenela efakwe ekhasini lezokuxhumana longenelayo.


UMia Le Roux othwele lesi sicoco uyale abafisa ukungenela ukuthi bazazi ukuthi bangobani futhi bangakushintshi lokho. “Into ebalulekile eyokuthi uze nenhliziyo nengqondo evulelekile ngoba lolu hambo luzoba ngolunezinselelo, lukutshengise nokuthi ungubani. Uma uya ngenhliziyo yonke, uzophuma uzazi kangcono futhi wazi nokuthi uyasithatha isicoco noma cha,” esho.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...