Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Ubukhulu bomzimba nobude ngeke busabhekwa kuMiss SA

Ubukhulu bomzimba nobude ngeke busabhekwa kuMiss SA

by | 8 April 2025


IXEGISIWE imibandela kwabesifazane abafisa ukungenela isicoco sikaMiss South Africa. Kwimingenelo yalo nyaka abangenelayo kumele babe neminyaka esukela ku-20 kodwa futhi bangabi ngaphezu kuka-32 makushaya u-30 August nonyaka. Okunye okungezubhekwa kubalwa ubude bethambo, isisindo somzimba neminyaka yobudala.


“Lokhu kusho ukuthi ongenelayo angaba neminyaka ewu-32 ngesikhathi sokuthwala kwesicoco. Phambilini ongenelayo bekumele abe neminyaka ewu-30 ngesikhathi sokuthweswa isicoco,” kusho abahleli
Ukuvulwa kwemingenelo kuqalwe mhla ka 2 kuyo le nyanga, kuzovalwa mhla ka 11 April, abafisa ukungenela bangangena kwi-website ethi: www.misssa.co.za baphendule imibuzo ekhona, bafake isithombe esiphelele nesiwuhhafu ne-video yokungenela efakwe ekhasini lezokuxhumana longenelayo.


UMia Le Roux othwele lesi sicoco uyale abafisa ukungenela ukuthi bazazi ukuthi bangobani futhi bangakushintshi lokho. “Into ebalulekile eyokuthi uze nenhliziyo nengqondo evulelekile ngoba lolu hambo luzoba ngolunezinselelo, lukutshengise nokuthi ungubani. Uma uya ngenhliziyo yonke, uzophuma uzazi kangcono futhi wazi nokuthi uyasithatha isicoco noma cha,” esho.

Ezisematheni

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

INHLANGANO yamaBandla ezenkolo, iKwaZulu-Natal Christian Council (KCC), ithi izotshala izingqapheli ezingu 440, ukuqapha ukhetho esifundazweni. Esikhathini esingaphansi kwenyanga, kuzoba kuvotwa kulelizwe ngoba ukhetho loHulumeni baseKhaya, lungomhlaka 4 kuLwezi...

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

KUPHENYWA icala lokushona kwesalukazi esineminyaka engu-72, okutholwe isidumbu saso sesonakele emzini waso, eLovu ngaseManzimtoti. Umufi uNkz Gloria Mashila kusolakala ukuthi bese kuphele izinyanga ezimbili eshonile. Indodana yakhe uMnu Jomo Mashila (44) okusolakala...

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal aphenya ngesigameko sokudutshulwa komholi we-African National Congress (ANC), maphakathi neKwaZulu-Natal. UMnu Samora Ndlovu (43), owake waba yiMeya yaseRichmond, waba futhi nguNobhala we-ANC eMoses Mabhida Region (eMgungundlovu), udutshulwe...