Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ubusasemanzini umndeni wentombazane ‘ebulawe yagqitshwa yimenenja yayo’

Ubusasemanzini umndeni wentombazane ‘ebulawe yagqitshwa yimenenja yayo’

by | 7 January 2025

UBUSESEMANZINI umndeni wentombazane enyamalale ngosuku olwandulela ukhisimusi njengoba ngawo nje ukhisimusi wawungcwaba isihlobo sawo.

ILANGA libike ngodaba lukaNkz Ayabonga Mjilo, onyamalale ngomhla ka-24 enyangeni edlule, watholakala ngoMgqibelo egqitshwe egcekeni lomphathi wakhe wasemsebenzini, eMaotana, eNanda.

Kusolakala ukuthi baba nengxabano, wamklinya wambulala.

Umndeni wakhe bewukhathazekile ngoba akafonanga abuze ukuthi umngcwabo wesihlobo uhambe kanjani njengoba kuthiwa kwakuyinto okwakulindeleke ukuba ayenze ngoba ubejwayele ukuxoxa njalo nomndeni wakhe.

Amalungu omndeni wakhe abezwakala enethemba njengoba ebenyamalele nje, uzotholakala ephila, achaze ukuthi bekwenzekeni ngoba ngisho ezinkundleni zokuxhumana bebebonakala ukuthi banethemba elikhulu.

Lawo mathemba ashabalale ngoMgqibelo ngesikhathi amaphoyisa elandela umkhondo wowesilisa ogcine ukubonakala nale ntokazi endaweni yokudla eseMhlanga, kuvela ukuthi ube nengxabano nayo wayiklinya wayibulala.

Ngokusho kwamaphoyisa, uNkz Mjilo ubonakala eshiya indawo yokudla iCapello, eMhlanga, ehamba nomsolwa oneminyaka ewu-37, okuthiwa ubengumphathi wakhe emsebenzini.

Udadewabo watshela ILANGA ukuthi ukungatholakali kwakhe ocingweni kuyinto engajwayelekile ngoba akachithi nesikhathi eside engakhulumanga nengane yakhe eneminyaka emine, ehlala noyise.

Ngokubika kwamamphoyisa, kuvela ukuthi umsolwa nesisulu basuka eMhlanga balibangisa eMaotana, eNanda, lapho kuhlala khona umsolwa. Kusolwa ukuthi baba nokungaboni ngaso linye, wasembulala.

UNdunankulu KwaZulu-Natal uMnu Thami Ntuli, uthi ukubulawa kwale ntokazi kufakazela ukuthi mukhulu umsebenzi okumele wenziwe wuhulumeni ekulweni isihlava sokubulawa kwabesifazane ikakhulukazi bebulawa ngabantu abazana nabo.

Unxuse amakhosi, izinduna namabutho ukuhlangana kutholwe isixazululo sokubulawa kwabesifazane imihla namalanga.

Undunankulu uzobe engomunye wabazobe behambele eNkantolo kaMantshi eThekwini, lapho umsolwa ezovela khona okokuqala.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...