Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ubusasemanzini umndeni wentombazane ‘ebulawe yagqitshwa yimenenja yayo’

Ubusasemanzini umndeni wentombazane ‘ebulawe yagqitshwa yimenenja yayo’

by | 7 January 2025

UBUSESEMANZINI umndeni wentombazane enyamalale ngosuku olwandulela ukhisimusi njengoba ngawo nje ukhisimusi wawungcwaba isihlobo sawo.

ILANGA libike ngodaba lukaNkz Ayabonga Mjilo, onyamalale ngomhla ka-24 enyangeni edlule, watholakala ngoMgqibelo egqitshwe egcekeni lomphathi wakhe wasemsebenzini, eMaotana, eNanda.

Kusolakala ukuthi baba nengxabano, wamklinya wambulala.

Umndeni wakhe bewukhathazekile ngoba akafonanga abuze ukuthi umngcwabo wesihlobo uhambe kanjani njengoba kuthiwa kwakuyinto okwakulindeleke ukuba ayenze ngoba ubejwayele ukuxoxa njalo nomndeni wakhe.

Amalungu omndeni wakhe abezwakala enethemba njengoba ebenyamalele nje, uzotholakala ephila, achaze ukuthi bekwenzekeni ngoba ngisho ezinkundleni zokuxhumana bebebonakala ukuthi banethemba elikhulu.

Lawo mathemba ashabalale ngoMgqibelo ngesikhathi amaphoyisa elandela umkhondo wowesilisa ogcine ukubonakala nale ntokazi endaweni yokudla eseMhlanga, kuvela ukuthi ube nengxabano nayo wayiklinya wayibulala.

Ngokusho kwamaphoyisa, uNkz Mjilo ubonakala eshiya indawo yokudla iCapello, eMhlanga, ehamba nomsolwa oneminyaka ewu-37, okuthiwa ubengumphathi wakhe emsebenzini.

Udadewabo watshela ILANGA ukuthi ukungatholakali kwakhe ocingweni kuyinto engajwayelekile ngoba akachithi nesikhathi eside engakhulumanga nengane yakhe eneminyaka emine, ehlala noyise.

Ngokubika kwamamphoyisa, kuvela ukuthi umsolwa nesisulu basuka eMhlanga balibangisa eMaotana, eNanda, lapho kuhlala khona umsolwa. Kusolwa ukuthi baba nokungaboni ngaso linye, wasembulala.

UNdunankulu KwaZulu-Natal uMnu Thami Ntuli, uthi ukubulawa kwale ntokazi kufakazela ukuthi mukhulu umsebenzi okumele wenziwe wuhulumeni ekulweni isihlava sokubulawa kwabesifazane ikakhulukazi bebulawa ngabantu abazana nabo.

Unxuse amakhosi, izinduna namabutho ukuhlangana kutholwe isixazululo sokubulawa kwabesifazane imihla namalanga.

Undunankulu uzobe engomunye wabazobe behambele eNkantolo kaMantshi eThekwini, lapho umsolwa ezovela khona okokuqala.

Ezisematheni

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

NGUMNU Nhlalayenza Ndlovu owayeyikhansela leDA, owadutshulwa wabulawa emzini wakhe oseMpophomeni, eHowick. USHAYE ingqimphothwe, wahoxisa isicelo sokudedelwa ngebheyili owesilisa osolwa ngokuba nesandla ekufeni kukaMnu Nhlalayenza Ndlovu, owayengusotswebhu we-DA...

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

NGUMJIKIJELWA (ongasekho), ngu-Ali Mgube noMthandeni "Igcokama Elisha" Manqele ababengamalungu eqembu, Ondabuzekwayo. BAFUNA ukufeza iphupho elingafezekanga ngeqembu labo likamaskandi ngesikhathi kudlula emhlabeni elinye lamalungu alo, uMjikijelwa "iChalaha...

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

UQHAKAMBISE uthando lwezingane, abazukulu, isizukulwane neBhayibheli njengemfihlo yokuphila afinyelele emnyakeni ewu-100 esadla enhlamvana uNkk Balindile Mthembu, obebungazwa emcimbini obukwakhe eHlanzeni eNanda ngoLwesihlanu. UNkk Mthembu,ouhlanganise iminyaka...