
UBUYELA ekhaya usomahlaya wodumo osanda kuba sematheni ngokulaxaza umsakazo iVuma FM uCeleste Ntuli ozoqhulula amahlaya emcimbini ozoba seMfolozi Casino eMpangeni ngomhla ka-24 kwephezulu.
UCeleste odabuka khona eMpangeni sekunesikhathi agcina ukujabulisa omkhaya bakhe njengoba ezobe enandisa emcimbini obizwa nge-A Blind Date Comedy Show lapho ezobe ehambisana noSandile Flymotion Makhanya naye ongomunye wosomahlaya asebezakhele igama kulo mkhakha.
UCeleste oseke wabonakala emidlalweni kamabonakude eyahlukene okubalwa kuyo Isibaya, The Polygamist neziminye kulindeleke ukuthi ashiye omkhaya bakhe kubuhlungu izisu.
Ngokuthola kweLANGA uCeleste sekuphele iminyaka enganandisi edolobheni langakubo kanti kuvele ukuthi uzimisele ukwenza okuphindiwe ukuqinisekisa ukuthi ubashiya bethokozile.
UFlymotion ongumhleli walo mcimbi uthe uCeleste uyabonakala kwmanye amadolobha eqhulula amahlaya kanti bese kunesikhathi bamgcina ngakubo.
“Sibone kungcono ukuthi siwulethe ngakubo lo mcimbi ngoba siyazi ukuthi uyathandwa ngakubo futhi ungomunye wabalibekile igama laseMpangeni kwibalazwe lomhlaba,” kusho uFlymotion osekhombisa ukukhula ngasekuhleleli imicimbi yamhlaya.
Unxuse abantu baseMpangeni namaphethelo ukuba bawathenge amathikithi njengoba bengeke bazisole.
“Kuzobasiza abantu ukuba basheshe bawathenge ukugwema ukuphoxeka ngoba asazi ukuthi ngosuku lo mcimbi azobe esekhona yini,” esho. Uthe amathikithi atholakala ngo-R250 eWebtickets nasezitolo zakwaPick n Pay.
UCeleste umenyezelwe njengomunye wabasakazi abasha esiteshini iVuma FM ngoNtulikazi nonyaka kodwa akuphelanga nesikhathi esingakanani wawushiya phansi lo msakazo.
Ngesikhathi kuvela izindaba zokushiya kwiVuma lo somahlaya uthe kuningi amatasa ngakho okuthinta amahlaya neminye imisebenzi nokuyisona sizathu esiholele ekuthi asule kuwona.







