
KULINDELEKE avume icala ngoLwesibili owesifazane waseMlazi osolwa ngokubulala ingane eneminyaka engu 5 ubudala ngoba exabene nonina.
UNkz Sbongile Happiness Ngwadla(41) ubevele kafushane enkantolo eNkulu yaseThekwini namuhla ngamacala amathathu okubalwa elokuthumba, elokufuna imali ngenkani, nelokubulala uSimphiwe Xaba.
Ngokwamaphepha asenkantolo, uNkz Ngwadla ungumakhelwane nonina wengane kanti ngaphambi kwesigameko kwaqubuka ingxabano phakathi kwabo.
Kubikwa ukuthi uNkz Ngwadla kwamucasula lokhu wabe esehlela ukuziphindiselela ngokuthi athumbe aphinde abulale ingane kamakhelwane.
Kuthiwa mhlaka 22 August 2025 unina wengane esemsebenzini, uNkz Ngwadla wabe esethumba ingane. Ezinsukwini ezilandela lolu, kuthiwa iNkz Ngwadla wayehambe ehlala nengane ezindaweni ezahlukene.
Kuthiwa wabe esethumelela inina wengane umqhafazo efuna ukuba amukhokhele imali ukuze amubuyisele ingane yakhe.
Kuthiwa emuva kwesikhathi uNkz Ngwadla wabe eseshaya umufi maqede wamuphosa emfuleni. Isidumbu sikamufi kuthiwa size satholakala mhla zingu 28 kuwona August emfuleni.
Ngesikhathi evela enkantolo bamuhla, umshushisi uMnu Andile Makhanya uthe bavumelene nommeli kaNkz Ngwadla omusha uZeera Fareed ukuthi icala lihlehliselwe uLwesibili njengoba ecele isikhathi sokuba axoxe nekilayenti lakhe.
Uveze ukuthi icala lihlehliselwa uLwesibili okungenzeka uNkz Ngwadla avume icala.
UNkz Fareed ongummeli kaNkz Ngwadla omusha, ukuqinisekisile ukuthi nguyena osemumele. Icalalibe selihlehliselwa uLwesibili







