
LOWO owayengungqongqoshe wamaphoyisa uMnu Bheki Cele, uthi kungamanga ukuthi iPolitical Killings Task Team (PKTT) idla imali eningi emaphoyiseni. Ukusho lokhu ekomidini lePhalamende njengoba ethula ubufakazi bakhe namhlanje.
Kuzokhumbuleka ukuthi uNgqongqoshe wamaphoyisa osamisiwe uMnu Senzo Mchunu uthe esinye sezizathu “zokuvala” kwakhe loluphiko, kungenxa yokuthi ludla imali eningi ekubeni lubhekelele isifundazwe esisodwa, iKwaZulu-Natal, njengoba ukubulawa kwabantu kwenzeka iNingizimu Afrika yonke.
UMnu Cele uthi kukhona olunye uphiko oluseWestern Cape, okuyilona olusebenzisa imali eningi njengoba kusebenza amaphoyisa angu-200 kulona, iphoyisa ngalinye likhokhelwa R800 ngosuku ehhotela. Uthe lo mkhankaso owokulwa nobugebengu kulesi sifundazwe waqala ngo-2018, kuze kube yimanje usaqhubeka.
Uveze ukuthi ukhona futhi omunye umkhankaso oyinkinga ngokudla imali emaphoyiseni, obizwa nge-Operation Vala Umgodi, owasungulwa ngMengameli Cyril Ramaphosa, ukulwa namazamazama.
Kuzokhumbuleka ukuthi baningi abantu abadutshuliwe ngenxa yemibango yemigodi yezimayini eseyavalwa ebizwa ngeZamazama, ikakhulukazi eGauteng.







