Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 Ufisa imbiwe ingane yakhe engcwatshwe wumndeni kayise engazisiwe

Ufisa imbiwe ingane yakhe engcwatshwe wumndeni kayise engazisiwe

by | 16 October 2025

NGUMUFI uMnu Thembelani Hlela, okunomdonsiswano ngokungcwatshwa kwakhe ‘unina engazisiwe’.

UFISA kumbiwe isidumbu sendodana yakhe esingcwatshwe engazi, unina womfana ongcwatshwe wumndeni kayise, uMnu Thubelihle Zondi, ozalwa ebukhosini bakwaZondi, kwaMpumuza.

UNkz Bathobile Hlela, waseSweetwaters, eMgungundlovu, ongunina kaThembelani Hlela (20), owatholakala eshonile, enenxeba lokudutshulwa ekhanda kubokayise ngeledlule, uthi uphoxekile ngesikhathi eyolanda isidumbu sendodana yakhe emakhazeni ngoMgqibelo ntambama.

Uthi abasemakhazeni bamenqabela ukuba asithathe, bathi umndeni wakwaZondi yiwo ozosithatha. Uthi lokhu kwamumangaza, wabe eseya kubameli bakhe, eyocela ukuba kumiswe umngcwabo.

INkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, yakuvuma ukumiswa komngcwabo, okwathi uma eya kwaZondi ephelezelwa ngummeli wakhe namaphoyisa, batshelwa ukuthi isidumbu singcwatshwe ezintatha ngeSonto, ngokosiko lwasebukhosini, bakhonjiswa ithuna.

Uthi okumsukumisile wukuthi bebevumelene noyise kaThembelani ukuthi isidumbu sizofihlwa kwaHlela, kodwa wamjikela ngomzuzu wokugcina. Ucele ILANGA ukuba lixhumane nabameli bakhe, okuyibo asebesingethe lolu daba.

Leli phephandaba lishayele ummeli uNkk Nongcebo Mthethwa, weMthethwa and Associates, olilandise ukusuka nokuhlala kwalolu daba. Uthe udaba lufike kuye ngoMgqibelo ntambama, ngemuva kokuba uNkz Hlela enqatshelwe ukuthatha isidumbu sendodana yakhe.

Uthi udaba lokufa kukaThembelani lusaphenywa ngamaphoyisa, njengoba unina engagculisekile, nokungakacaci kahle kokuthi uzibulele noma ubulewe yini.

“Okuvelile ngesikhathi ngibhala amaphepha okumisa umngcwabo, wukuthi ngesikhathi kwenziwa amalungiselelo omngcwabo, uNkz Hlela noyise wengane bebebambisene, futhi bevumelene ukuthi ingane izongcwatshwa kwaHlela ngoba kayikaze ithathwe ngokosiko, ifakwe kwaZondi, nenhlawulo kayikaze ikhokhwe.

“Eseyolanda isidumbu uNkz Hlela, utshelwe ukuthi akasavumelekile ukusithinta ngokomyalelo womndeni wakwaZondi. Uza kimike ecela usizo, ngabe sengifaka amaphepha aphuthumayo enkantolo ukuze kumiswe umngcwabo.

“Inkantolo inqume ukuthi umiswe umngcwabo, isidumbu sibuyele emakhazeni, kulungiswe izinkinga ngoba vele uNkz Hlela unalo ilungelo lokuzingcwabela indodana yakhe,” esho.

Uthi bathuka sebefika kwaZondi emuva kwehora kuphume isinqumo, batshelwa ukuthi isidumbu sesingcwatshiwe. Uthi okumangaza kakhulu wukuthi uNkz Hlela uveze kuye ukuthi uyise wengane akakaze alekelele ekukhulisweni kukamufi.

Uthi uhlale nomufi isikhathi eside, okuthe uma ethola umsebenzi ePitoli, ingane yayohlala noninakhulu (kwaZondi). Umsebenzi waphela ngemuva kwezinyanga eziwu-6, kodwa yaqhubeka yahlala noninakhulu ukuze iqedele esikoleni.

“Ngemuva kwalowo nyaka, ubesechitha isikhathi naye, aphinde asichithe kwagogo wakhe. Uyise wengane ubengakaze abekhona empilweni yayo kule minyaka,” esho.

Ummeli uqhube wathi: “Njengamanje ngingaqinisekisa ukuthi kawekho amaphepha engiwafakile enkantolo akhuluma ngokumbiwa kwesidumbu, kodwa sizohlangana namuhla (ngoLwesithathu) ntambama nekilayenti lami, sidingide isinyathelo esiyaphambili ukuze lithole ubulungiswa.”

INkosi uKhethokuhle Zondi, yaKwaMpumuza ikhiphe isitatimende ngomlomo womkhulumeli womndeni uMntwana uMzamowenkosi Zondi kulolu daba. Ithi uThembelani ukhuliswe esigodlweni saKwaMpumuza nguninakhulu wakhe uNdlunkulu uThethani, nomyeni wakhe iNkosi uNsikayezwe Zondi.

Inkosi iyavuma ukuthi bebevumelene ngokuthi uThembelani uzongcwatshwa kwaHlela, umndeni wakwaZondi kube yiwo ozobhekelela inkonzo yasesontweni, kodwa kwashintsha sekuvela umndeni wesithathu obufuna ukuthatha isidumbu sikamufi.

“Lo mndeni owakwaMemela lapho kuzalwa khona uyise wonina womntwana. Usitshele ukuthi abakwaHlela nabakwaZondi kabahlangene nokufihlwa kwengane. Bakubeke kwacaca ukuthi uma umngcwabo uzoba kwaHlela, bazosithatha isidumbu.

“Kuhlale imihlangano eminingi, kuzanywa ukulungiswa le nkinga. Komunye nje, umndeni wakwaHlela waphuma uthi uyabuya kodwa kwangenzeka lokho, okuyinto esayihumusha njengokwedelela uMntwana uThembelani (umufi),” esho.

Uthi babe sebebuka indlela umufi adlule ngayo (okusolwa ukuthi uzibulele), inkosi yanquma ukuthi afihlwe ngokuthula, kusetshenziswe usiko lokufihla entathakusa.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...