Ilanga News
Home 9 Featured 9 Uchazwa njengobemnene uNandi Nyembe

Uchazwa njengobemnene uNandi Nyembe

by | 26 August 2025

UKUSHONA kukamakadebona kwezokulingisa uNandi Nyembe, kuchazwe njengokuwa komuthi omkhulu emkhakheni wezokulingisa.

Izindaba zokwedlula kwalo mlingisi ziqinisekiswe wuMnyango wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko ngokubambisana nomndeni wakwaNyembe, ngeSonto ekuseni.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka owedlule uNandi ucele ukuqoqelwa umnikelo, ekhala ngobuthaka bempilo. Wathi useyabona ukuthi kunzima kangakanani kulo mkhakha wezokulingisa.

“Manje ngisezingeni lempilo lapho kumele ngicele khona abantu ukuba banginikelele, kodwa kangisilona lolo hlobo lomuntu.


“Kangikuthandi lokho ngoba ngiyakwazi ukuzenzela. Kangifuni ukudatshukelwa,” esho ngalesiya sikhathi.

Waziwa kakhulu emidlalweni abelingisa kuyona okubalwa iZone 14, iSibaya, iYizo Yizo, iHouse of Zwide, iHow To Ruin Christmas, ne-Adulting. Ebhonga emswanini uzakwabo uWinnie Ntshaba, uthe bekugqamele noma ngubani ukuthi umama uNandi ubengekho muhle emoyeni nasempilweni.

“Kubuhlungu ukuthi laba bantu okumele ngabe siyabahlonipha, babe yigugu kithina, kasibahloniphi kusenesikhathi. Kubuhlungu ukuthi iciko lishone lingasenamali yokuziphilisa. Sizamile ebesingakwenza nakuba singamaciko ingekho imali etheni.

“Nginethemba lokuthi umoya wakhe ubunakho ukuthula ngesikhathi eshona. Lokhu kuyisifundo kwabeza ngemuva. kukaningi sizama ukuthi kube nemithetho ezolawula lo mkhakha, kepha kunhlanga zimuka nomoya,” esho.

Umlingisi uDeli Malinga uthe: “Ubengumuntu ohlezi enentokozo ngaso sonke isikhathi. Ngidlulisa amazwi enduduzo emndenini, kwabebemthanda nakozakwethu.

“Ngisebenze naye kwiThe Game nakwi-Adulting. ngaso sonke isikhathi bekuba mnandi ukuhlala naye, sizixoxele. Ubengumuntu othanda nokudansa. Into engiyifundile kuyena wukuxolela, ngisho ngabe umone kanjani ubedlulisa,” esho.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...