
UZOFIHLWA kule mpelasonto KuGompo umshayisibhakela uZolani Tete, odutshulwe wabulawa engena emzini wakhe oseMdantsane, ngoLwesihlanu olwedlule, ngabesilisa ababili okuthiwa babezifihle ubuso.
Ngemuva kwalesi sigameko, kuboshwe abalisa abane ngecala lokubulala, abavelile eNkantolo yeMantshi yaseMdantsane izolo ngoLwesibili.
Abasolwa kuleli cala nguMnu Uzuzole Goqwana, nguMnu Siphesuhle Kolisa noMnu Athandwa Gangala (abasolwa ngokuba yizinkabi), noMnu Sinebongo Qase osolwa ngokuba ngungqondongqondo ekuhlelweni kwetulo lokubulawa kukaTete.
Inkantolo ithe leli cala libuya njengoba kubukeka sengathi lahlelwa ngaphambi kokuthi lenziwe, yingakho lingaphansi kwesigaba samacala anzima (sigaba 6).
Kubamangalelwa, uKolisa noGangala benqabile ukufaka isicelo sebheyili. UGoqwana noQase bona kulindeleke ukuthi babuyele enkantolo ngomhla ka-1 kuMandulo ukuyofaka isicelo sebheyili.
UTete (38) washonela endaweni yesigameko kwathi intombi yakhe eneminyaka engu-27 yasinda kulokhu kudutshulwa njengoba kukhona necala lokuzama ukubulala elibhekene nabasolwa.






