Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 ‘Udayiswe ngodadewabo’ owesifazane osolwa ekufeni kwengane yakwamakhelwane

‘Udayiswe ngodadewabo’ owesifazane osolwa ekufeni kwengane yakwamakhelwane

by | 29 August 2025

“UDAYISWE ngodadewabo” owesifazane osolwa esigamekweni sokubulawa kwengane, okutholwe isidumbu sayo silahlwe emfuleni eMlazi, eThekwini ngoLwesine. Kuthiwa isidumbu sikaNtobeko Xaba (5) (osesithombeni),  sitholwe emuva kokuba amaphoyisa elandele umkhondo womsolwa ontshontshe le ngane, waze wabanjwa eHarding.

Kuvela ukuthi uNtobeko unyamalale ngoLwesihlanu olwedlule ntambama. Emuva kwalokho kufonelwe unina, uNkz Ntombifikile Xaba,  wafunwa u-R60 OOO ukuze kukhululwe ingane yakhe.

Umthombo weLANGA Lempelasonto uthi lona wesifazane ulale kodadewabo, nayo ingane, okuthe ngokuhamba kwesikhathi, wampintshwa. ILANGA libikile ngoLwesine mayelana nokunyamalala kukaNtobeko.

Kulo mbiko, uNkz Xaba uveze ukuthi umsolwa wesifazane ongumakhelwane wakhe – okunguyena ogcine ukubonakala nengane eduze komfula eMalukazi – nguyena umsolwa oqanda ikhanda ekunyamalaleni kwayo.

Uthe amaphoyisa asole yena (unina wengane) ngokunyamalala kukaNtobeko.

“Ngesikhathi ngisenamaphoyisa asesiteshini e-GG, eMlazi, abengiphoqa ukuba ngivume ukuthi ngiyazi ngokunyamalala kwengane yami,” esho.

Uthe ube esethola umyalezo othi: “Wangihlukumeza ngo-2020, ngaze ngaphuphunyelwa yisisu. Ngakho-ke sekuyisikhathi sokukhokha manje. Ngifuna u-R60 000 uma ufuna ukuthola ingane yakho. Ungawabikeli amaphoyisa.”

Uthe umethusile lo myalezo,  kwazise ngo-2020 wayengamazi umsolwa, futhi wayengahlali eThekwini. Uveze ukuthi ukholwa wukuthi umsolwa ubazi ukuthi kuno-R60 000 yena (unina wengane) angawuthola uma efuna indodana yakhe.

“Kunomngani wami engisondelene kakhulu naye, osanda kuphunyelwa yimali yakhe. Ezinyangeni ezedlule ungiboleke u-R5 000. Ngikholwa wukuthi ubazi ukuthi uma ngiyiboleka kumngani wami, ngeke anganginiki uma izohlenga ingane,” esho.

Uthe okumzwise ubuhlungu wukuthi umsolwa ubexhumana nezinye izihlobo zakhe (unina wengane). Kuthiwa ubonakale ehla nengane ngasemfuleni, wabuya esehamba yedwa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe kuboshwe owesifazane oneminyaka ewu-39 ubudala, osolwa ngokubulawa komfanyana oneminyaka ewu-5 ubudala, obekubikwe ngoLwesibili lomhla ka-26 kwephezulu ukuthi unyamalele.

Uthe uphenyo lukhombe umsolwa ongumakhelwane wale ngane, ohambe waya eMzimkhulu kwabe sekulandelwa umkhondo. Uveze ukuthi isidumbu somfana sitholakale sigoqwe ngoblankethi. Uthe uphenyo lusaqhubeka.
mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, ucacise ngokungaklonyeliswa koMkhuzi wamaPhoyisa waKwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi, emcimbini wokuklomelisa izisebenzi zikahulumeni, iminyango, omasipala baseKZN, izinhlangano ezingayenzi inzuzo nosomabhizinisi...

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

LIZOVULWA ngomhla ka-1 no-2 wenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwezi (November). Lokhu kuqinisekiswe yinhlangano eyengamele ezokhetho kuleli, i-Electoral Commission of South Africa (IEC), ngempelasonto. Kuzokhumbuleka...

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

UMNDENI unxusa umphakathi nabezindaba ukuba bayeke ukusabalalisa izinsolo nemibiko engaqinisekisiwe ngokudlula emhlabeni kukaDkt Ntuthuko Mahlaba (osesithombeni), okuvela ukuthi ushayiswe yimoto ngoMgqibelo ekuseni ngesikhathi ezivaocavoca. Isitatimende somndeni...