
UZOBUYELA ngenyanga ezayo eNkantolo yeMantshi kwaMaphumulo umfana oneminyaka ewu-16, osolwa ngokudubula abulale umngani wakhe oneminyaka ewu-15, ngoqhwasha bezingela KwaDeda, eNdwedwe.
Ngokuthola kweLANGA, umufi uZwelihle Mtshali (15), ubehamba nomsolwa nabanye ngesikhathi kwenzeka isigameko. Kubikwa ukuthi emuva kokuba sesenzekile isigameko, kubizwe amaphoyisa endaweni yesigameko, zabe seziyamkhalela umsolwa.
Kuthiwa umsolwa uvelile enkantolo, wadedelwa ngaphansi kweso lomzali, njengoba kusaqhubeka uphenyo lwamaphoyisa. ILANGA lithole ukuthi isibhamu esisebenzile ngesikhathi kudubuleka umufi, ngesokuzakhela (uqhwasha).
Umthombo okhulume neLANGA uthi: “Isigameko senzeke izingane bezisehlathini zizingela, bezihamba nabantu asebekhulile kunazo. Kuthe besendleleni, umsolwa wakhubeka wawa, kwathinteka isibhamu, kwadubuleka umufi.
“Udubuleke esifubeni washonela khona lapho. Sisadidekile ukuthi isibhamu sifinyelela kanjani ezinganeni ngoba bekungesokuzakhela. Sesilinde uphenyo lwamaphoyisa, okuyilona oluyoveza ukuthi kwenzekeni ngempela,” kusho umthombo.
USihlalo we-CPF kule ndawo, uMnu Khetha Blose, usiqinisekisile lesi sigamo, wathi sibashaqisile. Uthi le ndawo okwenzeke kuyona isigameko, idume ngezigemegeme zokutholakala kwabantu sebeshonile ngenxa yokuthi inendawo embi, eyiwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZu-lu-Natal, uCol Robert Netshiunda, usiqinisekisile lesi sigameko, wathi amaphoyisa aseNsuze abophe umsolwa oneminyaka ewu-16 ngecala lokubulala. Uthi umsolwa ubephethe isibhamu sokuzakhela, okuthe endleleni wakhubeka wawa, isibhamu sadubula umufi washona.
Uthi kulindeleke ukuba aphinde avele enkantolo ngasekuqaleni kwenyanga ezayo.







