Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Utitinywe wumphakathi wafa obesolwa ngokushaya abulale intombi yakhe

Utitinywe wumphakathi wafa obesolwa ngokushaya abulale intombi yakhe

by | 25 March 2026

UTITINYWE wumphakathi waze wafa owesilisa osolwa ngokushaya, abulale intombi yakhe esigamekweni esenzeke eMpangeni ngoLwesihlanu. Kubikwa ukuthi lona wesilisa onguMnu Xolani Ntuli, ushaywe wumphakathi maqede wahudula isidumbu sakhe wasishiya eceleni kwesentombi yakhe, uNkz Nosipho Biyela (25), asolwa ngokuyishaya, ayibulale. 

Kunezinsolo zokuthi uNtuli uqale ngokumdlwengula umufi. Ngokuthola kweLANGA, laba bobabili bebesebudlelwaneni bezothando. Kuthiwa ingxabano phakathi kwabo iqubuke sebehamba ndawonye, okulapho kuthiwa uNtuli ube eseshaya umufi wamshiya ezitshela ukuthi usefile, kanti uzokwazi ukutshela abadlulayo ukuthi ushaywe yisoka lakhe. 

Umthombo weLANGA okuleya ndawo, uthi laba bobabili bebengebona abokudabuka eMpangeni.

“UNtuli ungowokudabuka eMtubatuba, kanti lona wesifazane yena ungowaseNcekwane, kodwa bebehlala emjondolo bobabili. Akucaci ukuthi yini ebaxabanisile. Uma sizwa, bebehleli ndawonye endaweni yokucima ukoma, kukuhle, kungekho nkinga. Baqale ukuxabana sebehamba endleleni.

“Umufi ubeshaywe kanzima ngoba umzimba wakhe ubulimele kakhulu. Emuva kwesikhashana, ushonile. Umphakathi ube usuhlangana, wanikela emjondolo kaNtuli, bamfica elele engazi nanyaka, wabe usumthelekela ngenduku. Umshaye waze washona maqede isidumbu sakhe wayosilahla eduzane nesentombi yakhe,” kusho umthombo.

Uqhuba umthombo, uthi isidumbu sikaNtuli besiboshwe izandla nezinyawo ngesikhathi silahlwa eduzane kwesikaNksz Biyela. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Paul Magwaza, usiqinisekisile lesi sigameko, wathi amaphoyisa aseMpangeni avule amacala amabili okubulala, kulandela isigameko esenzeke ngoLwesihlanu. 

Uthi ngokombiko abawutholile, lezi zithandani bezihleli ndawonye etavern, kwaqubuka ingxabano. Uthi msolwa ufike esehamba yedwa endlini, okuthe uma ebuzwa ukuthi isinqandamathe sakhe siphi, wathi usishiye endleleni. Uthe umphakathi ube ususithola isidumbu sesinqandamathe sikaNtuli, wabe usumlanda, wamtitinya waze wafa.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...