Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Uvele enkantolo u-principal (57) obethumela imiqhafazo yocansi kumfundi (13)

Uvele enkantolo u-principal (57) obethumela imiqhafazo yocansi kumfundi (13)

by | 8 January 2025

UVELE enkantolo yaseNtuzuma ngoLwesithathu u-principal (57) osolwa ngokuthumelela intombazane eneminyaka ewu-13 ubudala imiqhafazo yocansi.

UMnu Khulekani Luthuli uvele enkantolo icala lakhe lahlehliselwa umhla ka-25 kuFebruary njengoba ededelwe ngebheyili kaR4000.

Ngokubika kwe-eNCA le ntombazane iyona eyafuna inombolo ka-principal komunye wothisha ngaphambi kokuthi kuqale lezi zingxoxo ezikhohlakele.

Kubikwa ukuthi ithumbu libhoboke ngesikhathi umzali wale ntombazane upequlula umakhalekhukhwini wayo nokuyolapho ethole khona le miyalezo eshaqisayo.

Kubikwa ukuthi ngemuva kokubona le miqhafazo ube esevula icala njengoba efuna ubulungiswa ngaleli cala.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...