Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Uvele enkantolo u-principal (57) obethumela imiqhafazo yocansi kumfundi (13)

Uvele enkantolo u-principal (57) obethumela imiqhafazo yocansi kumfundi (13)

by | 8 January 2025

UVELE enkantolo yaseNtuzuma ngoLwesithathu u-principal (57) osolwa ngokuthumelela intombazane eneminyaka ewu-13 ubudala imiqhafazo yocansi.

UMnu Khulekani Luthuli uvele enkantolo icala lakhe lahlehliselwa umhla ka-25 kuFebruary njengoba ededelwe ngebheyili kaR4000.

Ngokubika kwe-eNCA le ntombazane iyona eyafuna inombolo ka-principal komunye wothisha ngaphambi kokuthi kuqale lezi zingxoxo ezikhohlakele.

Kubikwa ukuthi ithumbu libhoboke ngesikhathi umzali wale ntombazane upequlula umakhalekhukhwini wayo nokuyolapho ethole khona le miyalezo eshaqisayo.

Kubikwa ukuthi ngemuva kokubona le miqhafazo ube esevula icala njengoba efuna ubulungiswa ngaleli cala.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...