Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Udonsa kanzima owayengumdlali waMazulu FC

Udonsa kanzima owayengumdlali waMazulu FC

by | 15 March 2026

OWAYENGUMDLALI waMaZulu FC osanqanyulwa umlenze ngenxa yokudutshulwa, uSam Nzama (51), uphumela obala ngokuthi usedla imbuya ngothi njengoba ethi akanaselutho lokuziphilisa.

Exoxa neLANGA lo mdlali waseMatabetulu, eNanda, nowake wadlalela i-African Wanderes, AmaZulu FC, iFidentia Rangers, wahlonishwa ngeMost Disciplined Player Award ngo-2003, uveze ukuthi impilo inzima kuyena njengoba kunzima nokuqashwa ngenxa yokuhamba ngezinduku.

Uthe ukudutshulwa kwakhe eseqale amabhizinisi, esanda kuyeka ibhola, kwamenza wahlupheka kakhulu.

“Impilo ngangiyihlele kahle njengoba ngakwazi ukuqala amabhizinisi ngisanda kuyeka ukuba ngumdlali webhola. Ngo-2016 ngiqale ngaba namatekisi, ngaphinde ngaba nogandaganda ababemba isihlabathi eMatabetulu.

“Sasisebenza ngokubambisana sibane, futhi sinezincwadi zokumba isihlabathi. Inkinga kwaba khona ababefuna ukwenza lo msebenzi wethu kodwa bengenawo amaphepha abagunyaza ukuwenza, sagcina singasazwani nabo. Ngebhadi sahlaselwa sisemotweni nabanye ozakwethu ababili, sadutshulwa, bona bashonela khona emotweni, mina ngadubuleka umlenze owagcina ngokunqanyulwa ngoba wawungeke usalungiseka,”  kusho uNzama.

Uthe ngenxa yokwesabela impilo yakhe, njengoba wayesesatshiswa ngaleso sikhathi, kwagcina kuphoqa ukuthi abaleke ayobhaca eGoli, kwasala amabhizinisi akhe awa. EseseGoli uthe wayebhace emzini womngani wakhe uBlessing Mbambo, okwakunguyena owayesemenzela konke, emthengela ngisho okokugqoka.

“Ngize ngabuya kwaZulu-Natal ngo-2018, lapho ngifike ngaba nenhlanhla yokuthi ngilekelelwe ngumholi wamaNazaretha uBaba uMduduzi Shembe, uNyazilwezulu, ngokuthi inginike ithuba lokuthi ngihole Unyazi Cup, ebihlanganisa iNanda, iNtuzuma noMashu. Ubaba uNyazi wayengicele ukuba ngilekelele abafana abancane ngokuthi kube nemidlalo yebhola ezohlanganisa zonke lezi zindawo, ukuze intsha iyeke ukusebenzisa izidakamizwa,” usho kanje.

Uveze ukuthi ukusingatha le midlalo kwamsiza ukuthi akwazi ukuphila, futhi kwaba nomphumela omuhle njengoba kukhona umdlali owayekuNyazi Cup, uSphesihle “Tata” Msomi owagcina esedlalela iRoyal AM kaMaMkhize. Uthe imiqhudelwano yale ndebe yaphela ngo-2023, impilo yakhe yabuyela emuva njengoba ehlala kubo nodadewabo futhi kungekho mali engenayo.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...