Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Udutshulwe wafa ngamaphoyisa obesolwa ngokubulala obeyilungu le-IFP ePhalamende

Udutshulwe wafa ngamaphoyisa obesolwa ngokubulala obeyilungu le-IFP ePhalamende

by | 9 October 2025

NGUMUFI uMnu Khethamabala Sithole waseNkandla, obeyilungu le-IFP ePhalamende, obulawe ngoNhlaba.

UDUTSHULWE wabulawa ngamaphoyisa obesolwa ngokuba ngunqondonqondo ekufeni kobeyilungu leNkatha Freedom Party (IFP) ePhalamende, uMnu Khethamabala Sithole waseQhudeni, eNkandla.

Ngokuthola kweLANGA, uZamani “Ngila” Ximba, obefunwa uthuli ngokubulawa kukaSithole, utholwe ebhacile emzini othile oseDuduza, eGoli, njengoba amaphoyisa ebekade elokhu elandela umkhondo ngaye.

Ngokwesitatimende esikhishwe yihhovisi likakhomishana wamaphoyisa eGauteng, amaphoyisa alunywe indlebe ukuthi uZamani ucashe kule ndawo.

“Ngesikhathi singena endlini, uXimba ukhombe iphoyisa ngesibhamu, laselimdubula iphoyisa,” kusho isitatimende.

USithole nabanye ababili badutshulwe mhla ka-31 kuNhlaba (May) ehostela eKatlehong. Emuva kwalesi sigameko, kwajutshwa ithimba elihlonishwayo lamaphoyisa aseGauteng ukuba lilandelele umsolwa.

UZamani Ximba kuthiwa nguyena owadubula, kanti abanye ayenabo okunguBhekokuhle Sithole (36) noMkhululi Sithole (33) baboshwa emuva kwezinsukwana kwenzeke isigameko, njengoba besagcinwe ngaphakathi ngecala lokuzama ukubulala laba abasinda, yena uZamani waphunyula, wabaleka.

Bazobuyela enkantolo mhla ka-20 kuLwezi (November) laba ababoshiwe.

UMnu Khethamabala, kusolwa ukuthi ukufa kwakhe kumayelana nokuthi wayeyokhuza ukuganga kwabafana bangakubo okuthiwa bakwenza eGoli, njengoba umsolwa oshonile, nababoshiwe bonke bengabaseNkandla.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...