Ilanga News
Home 9 Featured 9 UHOXISE UKUBA YINGXENYE YOMNGCWABO UNGQONGQOSHE NGEMUVA KWEZINGQINAMBA

UHOXISE UKUBA YINGXENYE YOMNGCWABO UNGQONGQOSHE NGEMUVA KWEZINGQINAMBA

by | 5 January 2025

ISITATIMENDE esikhishwe nguMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, siqinisekise imibikonyaleli phephandaba, lapho libike khona ukuthi kunokungaboni ngaso linye phakathi kwabashonelwe nalo mnyango.

Leli phephandaba ngoLwesihlanu libike ngokungakwazi ukuqinisekisa kwalo mnyango ukuthi uzikwqzi yini ukuba yingxenye yomngcwabo wabangu-8 abashone engozini yemoto belibangise emshadweni eMandaba, eNkandla ngoMsombuluko.

Izolo lo mnyango ukhiphe isimemezelo senkonzo yomngcwabo walaba abangu-8, njengoba izoba namhlanje eMahlayizeni khona eNkandla.

Ngokwesitatimende esikhishwe yilomnyango namhlanje ekuseni, uMnu Siboniso Duma, ongumlngqongqoshe walo mnyango ngeke abe yingxenye yawo ngemuva kokutshelwa ukuthi kaklbakumelekile emngcwanlbeni kanjalo namalungu omphakathi nawo awamukelekile.

Kulesi sitatimende uveza ukuthi kunesikhulu esithile sakumasipala waseNkandla okuthiwa sitshele imindeni ukuthi mayizingcwabele izihlobo zazo.

“Imindeni iveze ukuthi bayalelwe ngolibamba likaMeya KaMasipala eNkandla uMnu N.F.J. Nzuza ukuthi bangalibhadi enkonzweni enkulu yomngcwabo kodwa bazifihlele bona emakhaya ngabodwana.

Umphakathi nawo uyalelwe ukuthi ungalibhadi enkozweni ehleliwe. Kungokokuqala emlandweni ukuthi umnyango ubhekane nesimo esinjena,” kusho isitatimende.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...