Ilanga News
Home 9 Featured 9 UHOXISE UKUBA YINGXENYE YOMNGCWABO UNGQONGQOSHE NGEMUVA KWEZINGQINAMBA

UHOXISE UKUBA YINGXENYE YOMNGCWABO UNGQONGQOSHE NGEMUVA KWEZINGQINAMBA

by | 5 January 2025

ISITATIMENDE esikhishwe nguMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, siqinisekise imibikonyaleli phephandaba, lapho libike khona ukuthi kunokungaboni ngaso linye phakathi kwabashonelwe nalo mnyango.

Leli phephandaba ngoLwesihlanu libike ngokungakwazi ukuqinisekisa kwalo mnyango ukuthi uzikwqzi yini ukuba yingxenye yomngcwabo wabangu-8 abashone engozini yemoto belibangise emshadweni eMandaba, eNkandla ngoMsombuluko.

Izolo lo mnyango ukhiphe isimemezelo senkonzo yomngcwabo walaba abangu-8, njengoba izoba namhlanje eMahlayizeni khona eNkandla.

Ngokwesitatimende esikhishwe yilomnyango namhlanje ekuseni, uMnu Siboniso Duma, ongumlngqongqoshe walo mnyango ngeke abe yingxenye yawo ngemuva kokutshelwa ukuthi kaklbakumelekile emngcwanlbeni kanjalo namalungu omphakathi nawo awamukelekile.

Kulesi sitatimende uveza ukuthi kunesikhulu esithile sakumasipala waseNkandla okuthiwa sitshele imindeni ukuthi mayizingcwabele izihlobo zazo.

“Imindeni iveze ukuthi bayalelwe ngolibamba likaMeya KaMasipala eNkandla uMnu N.F.J. Nzuza ukuthi bangalibhadi enkonzweni enkulu yomngcwabo kodwa bazifihlele bona emakhaya ngabodwana.

Umphakathi nawo uyalelwe ukuthi ungalibhadi enkozweni ehleliwe. Kungokokuqala emlandweni ukuthi umnyango ubhekane nesimo esinjena,” kusho isitatimende.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

“Uma ningavoti azobuya amasela”

“Uma ningavoti azobuya amasela”

UMHOLI nomsunguli weMarch and March, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma uthi abantu abaphume ngobuningi babo, bayovota ngoLwesithathu, lomhlaka 4 kuLwezi (November). Uthi, uma abantu bengavoti, amasela nezikhohlakali, bazoqhubeka babesemandleni. Amalungu eMarch and March,...

Bayavela enkantolo abasolwa ngokubulala uDj Warras

Bayavela enkantolo abasolwa ngokubulala uDj Warras

IZITHANDANI ezibhekene necala lokubulala uDJ Warras, waseVryheid, zivela namuhla enkantolo, eGoli. UVictor Majola, uHlengiwe Buthelezi, noArmando Pacula, kuthiwa babephambili ekuhleleni nasekusocongweni kwalo DJ. Ngaphandle kokuba nguDJ, uWarras ubenenkampani yonogada...