
UYAFIHLWA namhlanje u-Aphile Amahle Ndlovu (18), waseMaoti, eThekwini, obenza umatikuletsheni nyakenye, ozibulale ngemuva kokuqolwa imali ebisekhadini likamfowabo ngoKhisimusi.
ILANGA libikile ngalesi sigameko esenzeke ngalo usuku lukaKhisimusi, lapho u-Aphile enikwe ngumfowabo ikhadi lasebhange ukuba ayothenga izimpahla abezozigqoka njengoba ebezovakashelwa ngabangani bakhe.
Kuthiwa kuthe uzama ukukhipha imali engango-R600, obekuthiwe makayikhiphe, lacwila ikhandi, kanti izigebengu zizokhipha u-R9000.
Ufike kubo wangabe esachaza izinto eziningi, wayongena endlini yangasese, wazilengisa, ngokusho kukanina omncane uNkk Samkelisiwe Ndlovu.







