Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ufuna kwenziwe ulibofuzo ‘ogqokiswe ibhantshi ngengane eyebiwe’

Ufuna kwenziwe ulibofuzo ‘ogqokiswe ibhantshi ngengane eyebiwe’

by | 2 October 2025

UBESEZINHLELWENI zokuyihlawula ingane ‘eyibhantshi’ owesilisa waseMatshana, eMpangeni, ngaphambi kokuba kusabalale imibiko yokuboshwa kwesinqanda-mathe sakhe ebesiqashelwe ukuyigada kwelinye lamafulethi asenkabeni yeTheku. 

Lokhu kuza ngemuva kokuba ngoMgqibelo umndeni wakwaThabede, ozinze eThekwini, ubhale ezinkundleni zokuxhumana, ubika ngokunyamalala kwengane nomuntu obeqashelwe ukuyigada. 

UMnu Simphiwe Qwabe (36) uthi ufuna kwenziwe ulibofuzo ngengane enezinyanga eziwu-9, ebiyovela okokuqala emndenini wakubo. Umsolwa oneminyaka ewu-35, kuthiwa ushaqwe ngamaphoyisa esemzini wakwaQwabe, lapho abehambise khona ingane. 

Kuthiwa uqale ukusebenzela umndeni wakwaThabede ngenyanga kaNhlangulana (June), kophezulu.

UQwabe uthe bekungokwesibili ehlangana nengane atshelwa ukuthi ngeyakhe. Umsolwa ungowokuzalwa eMangethe, eMandeni, kuvela ukuthi wahlangana nesoka (uQwabe) eThekwini.

“Namanje angikholwa wukuthi akuyona eyami le ngane. Ngifuna kwenziwe iDNA, okuyiyona ezokhipha umbiko. Nginonyaka nezinyanga ezimbili ngithandana nomsolwa. 

“Ngagcina ukuhlangana naye ngokocansi enezinyanga eziwu-9 ezithwele. Ngiyakwazi ukukhulelisa, angiqali futhi ngiyakwazi ukubona umuntu okhulelwe. Imali yengane bengiyifaka. Bengifaka imali engaphezu kuka-R1500 njalo ngenyanga. 

“Angikholelwa kule nto yokubopha umuntu. Uthando luphelile phakathi kwethu. Ngeke ngiphumele obala ukuthi kukhona okwenziwe ngesikhathi ifika ekhaya ingane, kodwa bebekhona abadala bomndeni,” esho. 

Izindaba zokutholakala kwengane zivele ngemuva kokuba uNkz Sinegugu Dumakude, ongubabekazi wengane, ebhale ezinkundleni zokuxhumana, maqede wafaka isithombe sikamsolwa nesisulu, ecela ukufuniswa ngengane yomfowabo ‘‘ehambe nomuntu obeqashelwe ukuyigada”. 

UNkz Dumakude uthi uthintwe ngomunye wabafowabo bakaQwabe, omtshele ukuthi ingane ikubo, iyobonwa ngabadala njengoba bebazi ukuthi ngekamfowabo. 

“Umuntu ongithintile ungitshele ukuthi ingane ihambe nomakoti wakubo, iyobonwa wumndeni okokuqala. Uthe umfowabo ukhiphe u-R1000 ka-petrol wemoto obekuhanjwa ngayo, u-R530 wobisi lwengane, nama-pampers,” esho. 

UMnu Bongani Thabede, onguyise wengane, uthe umsolwa bamthola ngokuxhunyaniswa ngumuntu othile, ngemuva kokuba bebhale ezinkundleni zokuxhumana, bekhangisa ngomsebenzi wokugada ingane.  

“Ngibonga ukusebenza ngokuzikhandla kwamaphoyisa asuke eThekwini, kwaze kwaba indodana yami iyatholakala ngezithuba zasentathakusa ngehora lokuqala (izolo) ngoSonto. Sishaqekile ngalesi senzo esenziwe yilona wesifazane, ngoba ubebukeka engumuntu ongenazo izimpawu zobubi. 

“Ngicabanga ukuthi wenze lokhu ngoba efuna ukuqhubeka nokuzitholela imali kulo mlisa waseMpangeni. Ngibonge kakhulu nakumfowabo osithintile, esho ukuthi ingane isekhaya kubo, iyobonwa ngabadala. Sikutholile nokuthi umakoti lona uke wafika emndenini wakwaQwabe eyobonwa, kodwa wafike wabatshela ukuthi ingane uyishiye kubo, ngoba abadala kabafuni uyise ayibone engakayihlawuli,” kusho uThabede.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt-Col Paul Magwaza uthe umsolwa oneminyaka ewu-35 uboshelwe icala lokuntshontsha ingane. 

“Wephule umthetho womqashi wakhe wokuba angalinge aphumele ngaphandle kwefulethi nengane. Ingane itholakale ingenazo izimpawu zokulimala,” kusho uMagwaza. 

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...