
UMNYANGO we-International Relations oholwa uNgqongqoshe uMnu Ronald Lamola usuphumele obala ngokuthi uzophenya ngesisebenzi sawo esibonakale siphelezela uMnu Jacob Zuma ohambeni lwakhe lwase-India ngeledlule.
Ekuqaleni kwaleli sonto kusabalale imibiko yokuthi uZuma uvakashele izelamani zakwa-Gupta e-India.
Ngokubika kwe-eNCA uLamola uthe useyibonile imibiko ngalolu hambo kanti usenxuse ukuba umqondisi jikelel walo mnyango amnikeze incazelo egcwele ngalo nokuthi umnyango nenxusa lakuleli e-India bahlangana kanjani nalolu hambo.
ULamola uthe uzofuna ukuthola ngokugcwele ngokuthi inxusa lakuleli e-India iluphi uhlelo olwalandelwa ukuze lube ingxenye yokuvakasha kukaZuma kulo mndeni wakwaGupta.
ULamola uthe ziningi izimpendulo okusamele zitholakale ngalolu hambo njengoba uZuma enalo ilungelo lokuhambela amazwe njengoba eke waba ngumengameli wezwe.
“Okuseqhulwini wukutholakala ukuthi wayehambo ngokwesikhundla sokuba wake waba ngumengameli noma ngokwesikhundla sakhe esingahlangene nesikhundla sokuhola izwe,” kusho uLamola.
Khona manjalo kushiye imibuzo kwabaningi abanye bakhombisa ukungahambisani nokuthi uZuma avakashele izelamani zakwaGupta kwazise zisengabantu abafunwayo eNingizimu Afrika njengoba kunamacala ababhekene nawo.
Kwi-video esabalale ezinkundleni zokuxhumana uZuma uzwakale ekuthakasele ukuvakashela abangani bakhe ababiza ngobhuti bakhe waphinde wabonga nokuvakashhela umholi wezenkolo oqavile e-India ukuyothola izibusiso.
Kule video uveza ukuthi ngokubonana nalo mholi wezenkolo uzizwa evuselelekile futhi esekulungele ukubuyela ukuzothatha amandla okuhola izwe futhi.







