Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Uhoxisiwe eqenjini labasubathi eliyomela izwe eJapan uWalaza

Uhoxisiwe eqenjini labasubathi eliyomela izwe eJapan uWalaza

by | 11 September 2025

NGUBAYANDA Walaza obekubhekwe lukhulu kuyena, kodwa ongasayi kumaWorld Athletics Championships, ngenxa yokulimala.

I-ATHLETICS South Africa (ASA) isimemezele ukuthi umsubathi wakuleli osemncane uBayanda Walaza ngeke esaba yingxenye yamaWorld Athletics Championships azoqala ngoMgqibelo asongwe ngeSonto elizayo eJapan.

I-ASA ithe imkhiphile lo msubathi eqenjini lesizwe ngenxa yokulimala njengoba kuthiwa udonseke umsipha.


Ukuqokwa kwalo msubathi owenza i-100m kuqubule eminingi imibuzo njengoba engene eqenjni evele elimele.


UWalaza, obekubhekwe ukuba enze kahle kwi-100m njengoba enza nyakenye eba ngomunye owahlomula ngendondo kwi-4x100m kuma-Olympics, kuthiwa indawo yakhe isizothathwa nguRetshidisitswe Mlenga.

NGURETSHIDISITSWE Mlenga.

Ezisematheni

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

UVUSELELE isixwayiso sokukopela kubafundi bakamatikuletsheni uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal. NgoLwesihlanu eVukuzakhe High School eMlazi, eThekwini, bekuhlangene abazali, othishanhloko bezikole, izinyunyana zothisha nababhekelele ukubhalwa kwezivivinyo kwezemfundo...

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

SIPHEZULU kakhulu emlandweni wakuleli zwe isibalo sabafundi ababhalisele ukubhala izivivinyo zikamatikuletsheni kulo nyaka. Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkz Siviwe Gwarube (osesithombeni) ngeSonto ethula umbiko ngezinhlelo zikazwelonke...

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

KUBULAWE abesifazane abathathu kwathi owesilisa walimala kanzima izolo ebusuku. Lesi sigameko senzeke endaweni yobumnandi eMlanjeni Lifestyle,eNqopheni eMtubatuba. Kakucaci ukuthi umsolwa ubangeni nalaba kodwa kuvela ukuthi omunye wabo ubeyintombi yakhe. Umsolwa...