Ilanga News
Home 9 Featured 9 Uhulumeni uqinisa amatomu kwabahola eyesibonelelo ngokungemthetho

Uhulumeni uqinisa amatomu kwabahola eyesibonelelo ngokungemthetho

by | 3 March 2026


UHULUMENI uzoqhubeka noku-qinisa isandla kulabo abaqhuba inkohlakalo nokukhwabanisa ngokuhola imali yesibonelelo ngokungekho emthethweni kuleli.


Lokhu kudalulwe nguNgqongqoshe wezeMali, uMnu Enoch Godongwana, ngesikhathi ethula isabelomali sonyaka ka-2026/27 eCity Hall, eKapa, ngeledlule.
Ethula inkulumo yesabelomali, uthe uhulumeni uzoqhubeka nokuqinisa amatomu kulabo abakhwabanisa imali yesibonelelo (social grants).


Uthe izinyathelo esezithathwe wuMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, ngohlelo lwezobu-chwepheshe lokuqinisekisa labo abafanele ukuthola imali yesibo-nelelo, seziqalile ukuvuna izithelo.
UGodongwana uthe ngalolu hlelo lwezobuchwepheshe, uhulumeni usukwazile ukubamba abantu abalinganiselwa ku-35 000, abebethola imali yesibonelelo ngoku-ngemthetho, futhi bakunqamula ukuthola kwabo le mali.


Uthi ngenxa yalolu hlelo, uhulumeni ukwazile ukonga imali eli-nganiselwa ku-R3 billion.
Ukubeke kwacaca ukuthi uhulumeni uzibophezele ukuqinisekisa ukuthi le mali yesibonelelo iholwa yilabo abafanele wukuyithola, ngenhloso yokubeseka ngezidingo zansuku zonke.
UGodongwana uthe ngeke baku-bekezelele ukwephulwa kwemi-thetho nokuxhashazwa kwemali yabakhokhi bentela.
Sishayelwe ihlombe ngamaqe-mbu ezepolitiki nezinhlaka
zomphakathi isabelomali sangele-dlule.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...