Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 UKhawula uphonsele amaciko inselelo ngolomuzi weNkosi YamaGcokama

UKhawula uphonsele amaciko inselelo ngolomuzi weNkosi YamaGcokama

by | 14 August 2026

UNGQONGQOSHE wezobuCiko namaSiko KwaZulu Natal uMnu Mntomuhle Khawula uphonsele amaciko inselelo ngokuqedelwa kokwakhiwa komuzi weNkosi YamaGcokama nokukhulisa kwezingane zayo.

UKhawula ekhuluma enkonzweni yesikhumbuzo yeNkosi YamaGcokama ogamalayo nguScebi Dlamini negidangoma layo uGupta Mchunu ebise-Ethekwini Community Church enkabeni yedolobha uthe uzizwile iziphakamiso ezenziwe ngokuthi kube nosizo lokuqedelwa komuzi kaScebi oyisithabathaba abeseqalile ukuwakha.

Uthe nakuba okuningi akukhulume nomndeni engeke akwazi ukudalula emphakathini kodwa angakwazi ukukusho wukuthi njengomnyango bangakwazi ukwenza zibe khona izindlela zokwenza inzuzo yokuthi lesi sifiso sokuqedelwa kwalo muzi sifezeke.

UKhawula uthe uma amaciko ezimisele ukukwenza lokhu uwaphonsela inselelo yokuthi akhethe usuku nendawo uMnyango uzokwazi ukuxhasa ngokuthi iqashwe leyo ndawo kanjalo nabashayi bezinsimbi bakhokheleke.

“Okusezandleni zamaciko wukuthi wona avume ukuba yingxenye yalo mcimbi ezonandisa ngaphandle kokubheka inkokhelo. Yonke imali yokungena kwabalandeli abazobe beze kulo mcimbi izoyiswa emndenini kaScebi ukusiza ukuqedelwa komuzi kanjalo nokusiza izingane zakhe ziqhubeke nempilo,” uKhawula ephonsa inselelo.

UKhawula uncome uScebi ngokuba iciko lokuqala lokungena ngaohansi kohlelo lokukhuthaza ukuxula bukhoma.

Uthe ngesikhathi beluqala lolu hlelo uScebi wasukumela phezulu waya eThe Playhouse wenza umcimbi wakhe ecula bukhoma esizwa wumnyango.

Kule nkonzo abalandeli bakaScebi bebephume ngobuningi njengoba bezilokhu ziqhululwe njalo izingoma zale ntandokazi yomculi enconywa ngokukwazi ukusondeza umasakandi kubantu abasha.

UNtencane obekhulumela abaculi kule nkonzo uthe kuningi abakubukele kuScebi kuo mkhakha njengoba ebe ngowokuqala kumaskandi ukufaka umculo wakhe online waphinde waba ngowokuqala kuwona lo munxa ukuba nomcimbi wakhe eyedwa eThe Playhouse.

UNtencane uncome isibindi nokuzethemba ngomsebenzi kukaScebi uma kuyiwa ngasemsebenzini wakhe.

Kulo mcimbi uveze ukuthi abaculi abahlukene nabanye beminye imikhakha bakwazile ukuqoqa isikhwama semali elinganiselwa kuR230 000 abazokwazi ukuyihambisa enkampanini yabangcwabi ezosingatha yomibili le mingcwabo okungowaGupta namhlanje ngoLwesihlanu kanjalo nokaScebi kusasa ngoMgqibelo.

Uthembise ukuthi uScebi uzongcwatshiswa okwenkosi njengegama lakhe.

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...