Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ungqongqoshe uncome ukubambisana ngokwehla kwezingozi zePhasika

Ungqongqoshe uncome ukubambisana ngokwehla kwezingozi zePhasika

by | 29 April 2025

UNGQONGQOSHE wezokuThutha ezweni lonke uNkk Barbara Creecy uveze ukuthi zehlile izingozi ezenzeke ngempelasonto yePhasika uma kuqhathaniswa neminyaka emithathu eyedlule.

Ungqongqoshe uveze lokhu ngesikhathi ememezela ngokusemthethweni isibalo sezingozi ezenzeke ngePhasika esigcawini sabezindaba ngoLwesibili.

Udalule ukuthi zibalelwa ku-141 izingozi ezenzeke kulo nyaka uma kuqhathaniswa nezangonyaka owedlule ngesikhathi esifazane lapho isibalo sifinyelele ku-209.

Uthe lesi sibalo siveza ukuthi isibalo sezingozi sehle ngo-32.5% uma kuqhathaniswa nango2024.

UNkz Creecy uthe nesibalo sabantu abashonile sehlile njengoba ngonyaka owedlule kwadlula abawu-307 kanti kulo nyaka babe wu-167.

“Lokhu kuchaza ukuthi isibalo sabashone ngezingozi sehle ngo-45%,” echaza.

Ungqongqoshe uthe sehlile isibalo sezingozi kuzona zonke izifundazwe ngaphandle kweMpumalanga yona enyuke ngo-27% uma kuqhathaniswa ngonyaka owedlule.

Uthe bawu-28 abashonile ezingozini ezenzeke eMpualanga nokuyisibalo esiphezulu uma kuqhathaniswa no-22 wangonyaka owedlule.

Ungqongqoshe uthe ukwehla kwesibalo sezingozi ngalesi sikhathi sonyaka kube wukusebenzisana ngokubambisana kwezinhlaka zokuphepha nezokuthutha kuzona zonke izifundazwe.

Uthe ukubonakala kwabezophepha emigwaqweni ephithizelayo enguthelawayeka, izivimbamgwaqo nokubambisana neminyango yezifundazwe nezinhlaka kuvune izithelo ezinhle.

Uthe ngempelasonto yePhasika uyedwa umshayeli obanjwe ehamba ngesivinini esishaqisayo njengoba ebanjwe endaweni yasePlanknek eLimpopo ehamba ngesivinini sika-214 km/h emgwaqweni ovumela isivinini sika-120km/h.

Uveze ukuthi umshayeli obanjwe ephuze ngokweqe kakhulu ubanjwe endaweni yaseTsolo e-Eastern Cape.

“Umkhankaso wethu wokuqinisa ezokuphepha emgwaqweni uzophela ngomhla ka-4 kuMay njengoba izikole zivaliwe futhi namaholidi engakapheli,” kusho yena.

Ungqongqoshe uthe nakuyona le mpelasonto izinhlaka zezokuthutha nezokuphepha zizobe zisankanisile ezindaweni ezahlukene ukuqinisekisa ukuphepha emgwaqweni.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...