Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Ukhuthazekile eqhathwa nabanegama kumaCrown Gospel Music Awards

Ukhuthazekile eqhathwa nabanegama kumaCrown Gospel Music Awards

by | 5 November 2025

UKHUTHAZEKILE ukuqhubeka nokuzakhela igama emculweni uNontokozo Mkhize ethola izindaba zokuthi ingoma yakhe ethi, ‘Esandleni’, iqhathwe nezezinkakha emcimbini weCrown Gospel Music Awards, ozokuba ngomhla ka-23 kwephezulu, eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini.

NgoLwesihlanu abeWorld Gospel Powerhouse – abahlela lo mcimbi – bamemezele abaculi abaqokiwe, kanti ingoma kaNontokozo iqhathwe nokubalwa kuzo iDikgoro kaKgaogelo Kekana, iSihlezi Kahle kaJabu Hlongwane, ‘Okudalelwe Mina’ kaSihle Khumalo, i-Oa Ntwanela kaMmatema nethi, ne-Ulithemba Lethu, kaSindi Ntombela emunxeni weSong Of The Year. Lo munxa noweBest Artist or Group of the Year, uvotelwa wumphakathi.

Ekhuluma neLANGA uNontokozo, uthe ujabule ngalokhu kuqokwa.

“Kimina kuchaza ukuthi engikwenzayo kulo mkhakha kuyabonakala, futhi ngiyathobeka ngokuthi ingoma yami iqhathwe nezabantu osekunesikhathi bekhona kulo mkhakha. Kusho khona ukuthi ngihamba emgudwini okahle,” esho.

UNontokozo uthi okumjabulisa kakhulu ngalokhu kuqokwa, wukuthi wagcina ukuba yingxenye yalo mcimbi ngesikhathi esacula ngemuva kwikhwaya yawo. “Manje sengibuya sengingumculi osezimele ngokugcwele. Lokhu kusho lukhulu kimina.”

Kulo nyaka le ntokazi yenze izingoma namaqembu adumile okubalwa kuwona iJoyous Celebration neSpirit of Praise, yaphinde yahambela amadolobha ahlu-kene ngomzungezo wayo obizwa ngeLindiwe Tour.

“Okuqale kwangimangaza wukuthi kulo nyaka ngenze ingoma neJoyous, okuyiqembu engizame izikhawu ukungena kulona, ngenza izinhlolokhono kodwa ngehluleka,” esho.

Uthi okunye okummangazile wukubizwa yiSpirit of Praise, okuyiqembu elaziwayo ngokuba nabaculi abahlukene asebezakhele igama.

“KwiSpirit of Praise kakubizwa noma ngubani, nami ngizizwe ngibalulekile ukuthi ngibizwe, ngibe sesiteji naleli qembu,” esho.

Lo mcimbi ubuyela eThekwini kulo nyaka nje, uzobe usuwenzeka okwesibili engasekho umsunguli wawo uNkk Zanele LaMbokazi Nkambule. Abaqokiwe emunxeni weBest Gospel Artist/ Group of the Year nguStefan Green, iThe Jesus Collective, u-Andile KaMajola noSindi Ntombela.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...