Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Ukhuza ibuya kwezombhaqanga oweZingane Zoma

Ukhuza ibuya kwezombhaqanga oweZingane Zoma

by | 1 November 2026

IKHUZA ibuya ingqwele kwezomculo wombhaqanga uShobeni Khuzwayo (osesithombeni), owaziwa kakhulu emculweni kamaskandi njengomsunguli weZingane Zoma, nophrojusa omkhulu wamaqembu kamaskandi adumile endimeni yomculo.

UShobeni ubuyise iqembu lakhe elidala lombhaqanga elibizwa ngeFamily, ngoLwesihlanu elikhiphe i-albhamu entsha esihloko esithi, “Lo Muzi”. Ekhuluma neLANGA uShobeni uthe, ubuyise leli qembu ngenxa yengcindezi yabantu  abekhala ngokuyeka kwakhe umculo wombhaqanga.

Uthi uyazi ukuthi kunezinselelo eziningi zokungasekeki kwalo mculo, kodwa unethemba lokuthi luzokwenzeka ushintsho uma beqopha umculo omusha. Uthi bazosebenza ngokubambisana namanye amaciko alo mculo, ukuze baqinisekise ukuthi luyenzeka ushintsho.

“Nginethemba lokuthi uma siwenza lo mculo, mhlawumbe imisakazo izosibona isidingo sokuthi uvuseleleke ngoba kunzima ukulwela into engekho,” kusho uShobeni.

Kule albhamu uthe usebenzisane nabantu abadala endimeni yomculo, okubalwa kubo uThuthukani Cele (kwi-keyboard), namaqembu iMpumelelo naBangani. Leli qembu lidume kakhulu eminyakeni edlule ngama-albhamu alo ayeshisa izikhotha, okubalwa ethi, “Izwa Mina”, i-Akuvumi, namanye.

Ezisematheni

Kuzohlonishwa uDJ Cndo kowe-Inkasi Experience

Kuzohlonishwa uDJ Cndo kowe-Inkasi Experience

USANESIFISO sokubona ikhonsathi esezinkundleni zemidlalo, equkethe oDJ besifazane bodwa, uSindisiwe Cndo Zungu (osesithombeni), othathwa njengoDJ wokuqala wesifazane ukuvelela KwaZulu-Natal. UC'ndo uzohlonishwa emcimbini walo nyaka, we-Inkasi Experience, ozobe...

Inkantolo imise imibhikisho yeMarch and March ngesikhathi sokhetho

Inkantolo imise imibhikisho yeMarch and March ngesikhathi sokhetho

IZOQHUBEKA nemibhikisho ngaphansi kwemibandela emva kokhetho loHulumeni baseKhaya iMarch and March njengoba iyalelwe yinkantolo ukuthi iyimise okwesikhashan imibhikisho yayo. Lokhu kuza emva kokuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke, uSolwazi Firoz Cachalia efake...

Inkantolo ichithe ukufakaza kwemeya kwesebheyili kaJili

Inkantolo ichithe ukufakaza kwemeya kwesebheyili kaJili

INKANTOLO yeSifunda yaseThekwini ichithe ukuthi kulalelwe ubufakazi beMeya yasoThukela, iNkosi uNtandoyekosi Shabalala eveze ukuthi izoyamukela emsebenzini imenenja yakulo mkhandlu uMnu Lanhelihle Jili (46) uma idedelwa ngebheyili ecaleni lenkohlakalo nelokuzama...