
UKHUZA ibuya uXolani Khumalo ohlelweni lweMoja Love, iSizokthola, oluphenya ngobugebengu obuthinta izidakamizwa.
Lo kuza ngemuva kokuba iNkantolo yesiFunda iPalm Ridge, izolo ngoMsombuluko iwahoxisile okwesikhashana amacala abebhekene nawo okubalwa kuwona elokubulala, elokubamba inkunzi nelokucekela phansi impahla.
Ngemuva kokumiswa kukaXolani (Khumalo) kulolu hlelo, ngenxa yalawa macala, izintambo zinikwe uXolani Maphanga.
“UXolani (Khumalo) uzakhele ugazi ngendlela abethula ngayo lolu hlelo, wazifaka ezinhliziyweni zabathandi bakamabonakude ezweni lonke. Ukubuya kwakhe kuqinisa ukuzibophezela kwesiteshi ekulweni nezidakamizwa emphakathini,” kusho uLivhuwani Dagada oyiHead of Channel, eMoja Love.
UKhumalo ubesolwa ngokubulala uRobert Varrie (49) ngoNtulikazi (July) ku-2023, obesolwa ngokudayisa izidakamizwa.
Umshushisi u-Albert Dwera ucele ukuba inkantolo iwahoxise amacala okwesikhashana ukuze umbuso uthole ithuba elanele lokwenza kahle uphenyo lwawo.