Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 UKhuzani uthi useyaziqhelelanisa nokweseka abanye abaculi

UKhuzani uthi useyaziqhelelanisa nokweseka abanye abaculi

by | 6 December 2024

NGUKHUZANI Mpungose

MTHOBISI SITHOLE

UMCULI kamaskandi uKhuzani “iNdlamlenze” Mpungose uthi useyaziqhelelanisa nokweseka abanye abaculi, ngoba lokho akumsizi ngalutho. Uthi kukaningi eseka abaculi, kodwa akabongwa ngalokhu, kunalokho uyathukwa, ubizwa ngomthakathi, kuthiwa unomona.

“Nasenkampanini yami akasekho umculi engiyomfaka ngaphansi kwayo, akungisizi ngalutho. Ukubabongela akungisizi, ukubahlanganisa babe yimbumba akungisiza. Ngisho kungathiwa ngibathengela ibhanoyi, ngithi abahambe ngalo bayo-perfomer, bayohlezi bekuthuka, ngiyohlale ngiyinja nje kubona,” kusho yena.

Uthi ngesikhathi ehlela umcimbi wakhe iGcwalisa iMabhida, wachitha imali engaphezulu kuka-R2.5 million ekhokhela abaculi, kodwa abakuvezi lokho (abaculi).

“Ngisho abaculi abahlezi beziveza emcimbini, kodwa kwiGcwalisa babebiza o-R50 000 umculi ngamunye, futhi sabakhokhela bonke” esho.

Uveze ukuthi ngesikhathi kuqokwe uMroza engomeni yonyaka oKhozini FM, yena wayemeseka enxusa abantu ukuthi bavotele ingoma yakhe ethi “Van Damme”.

“Nangesikhathi kuwuNtencane oqokiwe, ngangimeseka; oJezl’ ekhulu bewina indondo yeSama, ngagibela nabo esteji ngibeseka;uKhangelani ewina kwiSatma e-Eastern Cape ngameseka. Abanye abaculi abayenzi leyonto kodwa mina kuhlezi kuthiwa nginomona,” esho.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...