Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 UKhuzani uthi useyaziqhelelanisa nokweseka abanye abaculi

UKhuzani uthi useyaziqhelelanisa nokweseka abanye abaculi

by | 6 December 2024

NGUKHUZANI Mpungose

MTHOBISI SITHOLE

UMCULI kamaskandi uKhuzani “iNdlamlenze” Mpungose uthi useyaziqhelelanisa nokweseka abanye abaculi, ngoba lokho akumsizi ngalutho. Uthi kukaningi eseka abaculi, kodwa akabongwa ngalokhu, kunalokho uyathukwa, ubizwa ngomthakathi, kuthiwa unomona.

“Nasenkampanini yami akasekho umculi engiyomfaka ngaphansi kwayo, akungisizi ngalutho. Ukubabongela akungisizi, ukubahlanganisa babe yimbumba akungisiza. Ngisho kungathiwa ngibathengela ibhanoyi, ngithi abahambe ngalo bayo-perfomer, bayohlezi bekuthuka, ngiyohlale ngiyinja nje kubona,” kusho yena.

Uthi ngesikhathi ehlela umcimbi wakhe iGcwalisa iMabhida, wachitha imali engaphezulu kuka-R2.5 million ekhokhela abaculi, kodwa abakuvezi lokho (abaculi).

“Ngisho abaculi abahlezi beziveza emcimbini, kodwa kwiGcwalisa babebiza o-R50 000 umculi ngamunye, futhi sabakhokhela bonke” esho.

Uveze ukuthi ngesikhathi kuqokwe uMroza engomeni yonyaka oKhozini FM, yena wayemeseka enxusa abantu ukuthi bavotele ingoma yakhe ethi “Van Damme”.

“Nangesikhathi kuwuNtencane oqokiwe, ngangimeseka; oJezl’ ekhulu bewina indondo yeSama, ngagibela nabo esteji ngibeseka;uKhangelani ewina kwiSatma e-Eastern Cape ngameseka. Abanye abaculi abayenzi leyonto kodwa mina kuhlezi kuthiwa nginomona,” esho.

Ezisematheni

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

NGUMNU Nhlalayenza Ndlovu owayeyikhansela leDA, owadutshulwa wabulawa emzini wakhe oseMpophomeni, eHowick. USHAYE ingqimphothwe, wahoxisa isicelo sokudedelwa ngebheyili owesilisa osolwa ngokuba nesandla ekufeni kukaMnu Nhlalayenza Ndlovu, owayengusotswebhu we-DA...

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

NGUMJIKIJELWA (ongasekho), ngu-Ali Mgube noMthandeni "Igcokama Elisha" Manqele ababengamalungu eqembu, Ondabuzekwayo. BAFUNA ukufeza iphupho elingafezekanga ngeqembu labo likamaskandi ngesikhathi kudlula emhlabeni elinye lamalungu alo, uMjikijelwa "iChalaha...

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

UQHAKAMBISE uthando lwezingane, abazukulu, isizukulwane neBhayibheli njengemfihlo yokuphila afinyelele emnyakeni ewu-100 esadla enhlamvana uNkk Balindile Mthembu, obebungazwa emcimbini obukwakhe eHlanzeni eNanda ngoLwesihlanu. UNkk Mthembu,ouhlanganise iminyaka...