Ilanga News
Home 9 Featured 9 Uklonyeliswe efihlelwe uFalabo ngokwenza kahle komculo wakhe

Uklonyeliswe efihlelwe uFalabo ngokwenza kahle komculo wakhe

by | 20 August 2025

UKHULISWE wukusebenza eduze noKhuzani umculi kamaskandi oklonyeliswe gezindondo yinkampani iGallo Records, ngoLwesine engazelele.

UFalabo Khuzwayo oklonyeliswe eBramfontein, eGoli emcimbini obuhlelwe yiGallo Records, uthi ukusebenza nabantu abamnkantshubomvu kumkhulisile endimeni.

Ukusho lokhu ekhuluma neLANGA emuva kokuhlomula ngezindondo ezintathu nge-albhamu ephume nyakenye ngoZibandlela (December) ethi, “Inyoka Endala”.

IGallo Records imhlomulise ngeMulti-platinum engomeni yakhe ethi, “Ngaqoma Wena”, kube ethi, “Inkani Yami” nayo ethole indondo yeMulti-platinum, nethi, “Inyoka Endala”, ethole indondo yegolide.

Zonke lezi zingoma ziqukethwe kwi-albhamu eyodwa ethi, “Inyoka Endala”.

UFalabo uthe uthuke kakhulu eseklonyeliswa ngoba isimemo besingacacisi ukuthi umcimbi ungaye. Uthi ngokwesimemo, utshelwe inani labantu okumele afike nabo asondelene nabo.

“Namanje ngisamangele okwenzekile,” esho.

Uthi ngalolu suku, inkampani iGallo ibimhlelele ukuba ayoqopha i-video yalezi zingoma zontathu. Uveze ukuthi emuva kokushutha ezindaweni ezahlukene, kube sekuyiwa emcimbini okuyilapho eklonyeliswe khona ngalezi zindondo.

“Lokhu engikuhlomulile kusho lukhulu empilweni yami. Sengifike esigabeni engingakaze ngasibukela eduze kwami ngoba nasemlandweni wabaculi abadala eminyakeni edlule, kwakufana nezulu nomhlaba ukuzuza lezi zindondo.

“Ngiyabonga kakhulu kubantu abangesekile, bazinikeza ithuba lokulalela umculo wami. Baningi kakhulu abaculi njengamanje futhi nabo bayafisa ukufinyelela emathubeni afana nalawa,” esho.

Uthi ekubambisaneni kwakhe noKhuzani, kuningi okulekelele igama lakhe kwezomculo. Uveze ukuthi usazoqhubeka nokwenza umculo ojabulisa abantu, ongabhinqi amanye amaciko.

“Umculo engiwenzela abantu uthinta izinhliziyo zabo ngqo. Ngakho-ke ukusebenzisana nabantu abadala kwezomculo, kungisizile ngoba bayangeluleka. Baningi abantu abaseduzane kwami abaneqhaza kulo msebenzi womculo wami,” esho.

Uncome kakhulu ukuphathwa yinkampani enkulu iGallo Records ngokubambisana neZingane Zoma Music Production.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...