Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 UKodwa uzoqhubeka nemisebenzi ye-ANC emuva kokuhoxiswa kwamacala

UKodwa uzoqhubeka nemisebenzi ye-ANC emuva kokuhoxiswa kwamacala

by | 1 November 2024

THANDOLUHLE NGUBO

UZOQHUBEKA nemisebenzi ye-ANC kuze kube uthola umsebenzi uMnu Zizi Kodwa (okwesokudla) owayengungqongqoshe wezemidlalo, ubuciko namasiko eNingizimu Afrika. UKodwa usho lokhu ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yasePalm Ridge, eGauteng, emuva kokuba (le nkantolo) imemezele ukuthi ihhovisi lomqondisi wabashushisi eGoli, liwahoxise wonke amacala enkohlakalo abethweswe wona. UKodwa ubeboshwe noMnu Jehan Mackay (okwesobunxele), owayengumqondisi wenye yezinkampani zobuchwepheshe okuthiwa yahlomula ithenda yemali engaphezu kuka-R400 million kuhulumeleni.

Bekuthiwa uMackay wagwazela uKodwa ngemali engaphezu kuka-R1.6 million ukuze athole le thenda. Esitatimendeni esifundwe wumbuso enkantolo, ihhovisi lomqondisi wabashushisi liveze ukuthi ngemuva kokucubungula amacala abebekwe laba ababili, linqume ukuwahoxisa ngoba kawanaso isisindo esanele esingenza aqulwe enkantolo. Ligcizelele ukuthi lilandele yonke imigomo yomthethosisekelo wezwe ngesikhathi lithatha lesi sinqumo. 

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...