Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 ‘Ukubulawa kukaWitness D kuzokwenza ofakazi besabe ukukhuluma’

‘Ukubulawa kukaWitness D kuzokwenza ofakazi besabe ukukhuluma’

by | 7 December 2025

NGUMNU Marius Van der Merwe, ubulewe.

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthi ukubulawa kuMnu Marius Van der Merwe, owethule ubufakazi kwiKhomishini kaMadlanga ezifihlile, ebizwa ngoWitness D, kuzokwenza abanye ofakazi besabe ukumulema obala, baveze izenzo zenkohlakalo nobugebengu.

URamaphosa ubekhuluma nabezindaba eSoweto, lapho iCosatu igubha khona iminyaka ewu-40. UVan der Merwe udutshulwe wabulawa ngoLwesihlanu ebusuku, phambi komkakhe nezingane zabo, eBrakpan, eGauteng. Emasontweni edlule wethule ubufakazi obushaqisayo kwikhomishi lapho eninde khona inhloko yamaphoyisa kamasipala waseKurhuleni esamisiwe, uBrigadier Julius Mkhwanazi.

“Akukuhle ukuthi kubulawe abantu abakhuluma iqiniso, basenekele amahlazo ngenhlohlakalo nokubola embuthweni wezokuvikela. Lokhu kuzokwenza nabanye besabe ukufakaza. Ngitshele ungqongqoshe ukuthi mabenze isiqiniseko sokuthi kuyaphenyisiswa, babanjwe labo abenze lobu buwane,” kusho uRamaphosa.

Uhlabe ikhwelo lokuthu kuqiniswe izinhlelo zokuvikela ofakazi bombuso.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...