Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 ‘Ukubulawa kukaWitness D kuzokwenza ofakazi besabe ukukhuluma’

‘Ukubulawa kukaWitness D kuzokwenza ofakazi besabe ukukhuluma’

by | 7 December 2025

NGUMNU Marius Van der Merwe, ubulewe.

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthi ukubulawa kuMnu Marius Van der Merwe, owethule ubufakazi kwiKhomishini kaMadlanga ezifihlile, ebizwa ngoWitness D, kuzokwenza abanye ofakazi besabe ukumulema obala, baveze izenzo zenkohlakalo nobugebengu.

URamaphosa ubekhuluma nabezindaba eSoweto, lapho iCosatu igubha khona iminyaka ewu-40. UVan der Merwe udutshulwe wabulawa ngoLwesihlanu ebusuku, phambi komkakhe nezingane zabo, eBrakpan, eGauteng. Emasontweni edlule wethule ubufakazi obushaqisayo kwikhomishi lapho eninde khona inhloko yamaphoyisa kamasipala waseKurhuleni esamisiwe, uBrigadier Julius Mkhwanazi.

“Akukuhle ukuthi kubulawe abantu abakhuluma iqiniso, basenekele amahlazo ngenhlohlakalo nokubola embuthweni wezokuvikela. Lokhu kuzokwenza nabanye besabe ukufakaza. Ngitshele ungqongqoshe ukuthi mabenze isiqiniseko sokuthi kuyaphenyisiswa, babanjwe labo abenze lobu buwane,” kusho uRamaphosa.

Uhlabe ikhwelo lokuthu kuqiniswe izinhlelo zokuvikela ofakazi bombuso.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...