Ilanga News
Home 9 Imibono 9 Ukwanda kwamaqembu ezepolitiki kusho ukuncipha kwentando yeningi

Ukwanda kwamaqembu ezepolitiki kusho ukuncipha kwentando yeningi

by | 10 September 2025

UKUVELA kwentando yeningi eNingizimu Afrika, kuvulele noma ngubani ukwenza intando yakhe. Kwesinye isikhathi lokho esikubuka njengentando yeningi, kungaba yintando yedlanzana, lisebenzisa iningi.

Intando yeningi yaseNingizimu Afrika ngeke ifane nentando yeningi yakwamanye amazwe. Eyeningi eNingizimu Afrika ihlomulisa intando yedlanzana. Ababephethe eyedlanzana yobandlululo, yibona abahlomulayo namanje. Kuneminyaka engamakhulukhulu bemunca uju okunamanje basacwile phezu kwalo. Namanje amalungelo entando yeningi asavuna labo abasuthi uju. Zonke izizinda nezinhlaka zomnotho wezwe, zivuna labo ababesicindezele.

Njengamanje siguqile, sicela lokho okwakuthathwe ngendluzula kithi. Abakwamanye amazwe angomakhelwane basebenzisa indluzula ukubuyisa okwakuthathwe ngendluzula. Nakuba bekhululekile, siyababona bagcwele ezweni lethu bezokhangeza. Ababakhulula ngendluzula sebephenduke abacindezeli babo. Ukungalingani kwezomnotho eNingizimu Afrika kuyinto ethusa kakhulu.

Abantu abansundu abaningi basalala bengadlile, kabanandawo yokuhlala, izimo zempilo zibucayi kakhulu kubona. Masikhumbule ukuthi umuntu olambile, konke akucabangayo wukuqeda indlala. Isimo sikhombisa ukuthi abantu abansundu bavukelana bodwa.
Uma omunye ebambe inyamaza-ne kukhona abafuna ukuzomphuca kube ngeyabo. Abanye babanga izindawo zokudayisa izidakamizwa ezingekho emthethweni.
Esasikubona eKapa nakwama-nye amazwe, sekusabalale ezinda-weni zonke. Konke lokhu kudalwa yindlala eyenza abantu bacabange ngemanje, ngaphandle kokubheka ikusasa. Abantu abansundu abani-ngi baphilela imanje, ngoba balambe manje. Lokhu kuyisixazululo sesikhashana.
Iningi labantu abansundu liphila ngezixazululo zesikhashana. Lokhu kulenza lingene ebugebe-ngwini, libulalane ligcine liwukudla kwamajele. Okubi kakhulu wukuthi abantu abagcwele emaje-le yintsha esilindele iphathe izwe.
Lesi simo kasisoze sakhulula umuntu onsundu kwezomnotho. Ukwanda kwamaqembu kwenza abantu badideke, ekudidekeni kwabo kukhona abahlomulayo. Lokhu kusho ukuthi kulukhuni ukubuya kwezwe nomnotho eba-ntwini abansundu.
Ubuningi bamaqembu akusiyona inkomba yentando yeningi, kodwa kuyinkomba yentando ye-dlanzana. Intando yeningi isho ukuthi baningi abavumelana nge-migomo ethile. Ubuningi bamaqe-mbu kusho izinto eziningi ngaba-ntu baseNingizimu Afrika. Kungasho ukungavumelani ngemigomo.
Kungasho ukungawethembi amaqembu akhona; kungasho ukudideka kwabantu; kungasho ukusetshenziswa ngabanye ukufeza izinhloso thizeni; kungasho ukuthi ipolitiki isibukeka njengomsebe-nzi.
Ukuncipha kwabavoti nakho kungasho izinto eziningi. Kunga-sho ukuphelelwa yithemba emaqe-njini akhona. Kungasho ukucasuka kwabanye ngoba intuthuko iha-mbela kude noma ingakafiki kubo.
Kungasho ukungafezeki kweze-thembiso kwabanye. Ngo-2024, abantu abaningi kabazihluphanga ngokuyovota. Kungenzeka ukuthi amaqembu ethu kawalwenzi ucwaningo ngendlela uma kune-nqwaba engavoti.
Ucwaningo lukhombisa ukuthi abantu abasha abawu-20%, abaneminyaka ephakathi kuka-18-35, kabavotanga. Lokhu kuyethusa kakhulu ngoba silindele ukuthi intsha ibe nesasasa lokuvota ngoba yinto esanda kuyiqala.
Kuphinde kukhombise ukuthi kuningi okumele kwenziwe ngamaqembu ukugqugquzela laba bantu abasha ukuba bavote. Ikhomishana yokhetho ikhombisa ukuthi abalelwa ku-470 amaqe-mbu asohlwini njengamanje.
Lokhu kusho ukuthi wona la mavoti angekho, asazonconzululeka kungabi bikho abakhonyayo okhethweni.
Uhulumeni wokubambisana (GNU) unezinkinga kakhulu. Kuchitheka isikhathi esiningi kubangwa izikhundla nemigomo okumele isebenze.
Mhlawumbe sekumele abanga-kwesokudla bacacise ukuthi ba-ngakwesokudla, nabangakwesobu-nxele bacace ukuthi bangakweso-bunxele.
Lokhu kungahlukanisa inhloko nesixhanti.
Ukwanda kwamaqembu eNingi-zimu Afrika kusho ukuncipha kwentando yeningi.

Umnumzane Callistus Bheki Nkwanyana uneziqu zeMasters in Governance and Political Transformation.
Wayengumqondisi eKZN office of the Premier kwiCommunity Partnership and Moral
Regeneration.
Ungumbhali wencwadi ethi: “Talking to yourself, the journey to self-discovery”
Uyatholakala ku: nkwanyanacb60@gmail.com /
0665445466 Ucingo / WhatsApp

Ezisematheni

Uzothunwa ngomgqibelo uMosioua Lekota

Uzothunwa ngomgqibelo uMosioua Lekota

UZOFIHLWA ngoMgqibelo, eBloemfontein, owaba ngomunye wabasunguli beCongress of the People (COPE), uMnu Mosioua "Terror" Lekota. ULekota, ushonele esibhedlela esiseGoli ngesonto eledlule, ngemuva kokuxinwa yisifo somdlavuza. Uke waba nguNgqongqoshe wezokuVikela...

Umdlalo weshashalazi ngeSilo uCetshwayo eThekwini

Umdlalo weshashalazi ngeSilo uCetshwayo eThekwini

NGUJERRY Pooe, ongumbhali nomqondisi wemidlalo yeshashalazi. UZOVULELEKA kubafundi nasemalungwini omphakathi umdlalo weshashalazi okhuluma ngeSilo uCetshwayo, obizwa ngeKing Cetshwayo The Musical, okulindeleke ukuba uqale ukukhonjiswa eThe Playhouse, eThekwini,...