
UNOGADA ongufakazi wokuqala ecaleni lokuzama ukubulala usomabhizinisi uMnu Joe “Ferrari” Sibanyoni elibhekene noMnu Vusumuzi “Cat” Matlala, uveze ukuthi naye wadubula wabhekisa kwababedubula lo somabhizinisi ngo-2022.
UMnu Bethuel Mzamo Cele uthe wayengunogada owayesenezinyanga ezinhlanu esebenza eCenturion Country Club ngesikhathi ebona ‘Izinkabi’ zidubula uSibanyoni.
Lokhu ukuveze ngesikhathi ethula ubufakazi eNkantolo yeMantshi eGoli namhlanje.
UMatlala nonkosikazi wakhe uTsakane Matlala, Musa Kekana, Tiego Floyd Mabusela noThabiseng Nzama babhekene namacala angu-25 okufaka nawokuzama ukubulala umlingisi uTebogo Thobejane noSibanyoni.
Enkantolo bayawaphika wonke amacala ababhekene nawo.
Ngesikhathi sokudutshulwa kukaSibanyoni, uCele uthe wabona konke okwenzeka benozakwabo uFrancis Mazibuko.
Uthe isigameko senzeka ngabo-10:35 ebusuku.
Uthe uMazibuko owayeze kuyena njengoba wayesebenza njengoController, uyena owamemeza ethi abangaze bafe uCele ephethe isibhamu.

Kungaleso sikhathi athi wahosha khona isibhamu wasikhokha maqede wadubula.
Uveze ukuthi uyakholelwa ekutheni kukhona owadubuleka ngaleso sikhathi ngoba uthi kukhona ambona egijima amathumbu evele ngaphandle ezama ukuyongena ngewindi kwenye yezimoto eyiBMW.
Ngesikhathi okwenzeka ngaso isigameko, uthe kwaqala kwafika iFerrari ebomvu neVolkswagen Golf 7 emhlophe.
Ngesikhathi bemile noMazibuko uthe kwaqhamuka neBMW emhlophe ihamba kancane kungathi ababehamba ngayo kukhona abakucingayo.
Uveze ukuthi le BMW yadlula kubona maqede yafike yakija eduze kwamarobhothi.
Yase izoma eduze kweFerrari neGolf 7.
Ngaleso sikhathi uthe kwehla amadoda amabili ephethe ama-AK 47, avele adubula abhekisa kuyena uCele ngoba base bebonile ukuthi uyababona.
Uthe naye esedubule wabhekisa kuwona emva kokuyalelwa uMazibuko ukuthi adubule wabona oyedwa kubona ebaleka eselimele.
Ngaleso sikhathi uthe iFerrari neVolkswagen Golf 7 zabaleka zangena ngaphakathi kwi-estate kodwa ababedubula baqhubeka badubula bebhekise kwiVolkswagen Golf 7.
Uthe omunye wababedubula waze waphimisa amagama athi “Ifa nja.” UCele ugcine evukwa umunyu wakhala enkantolo.







