Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 UMaMkhize uthi bayayisebenza eyemiholo kaDisemba

UMaMkhize uthi bayayisebenza eyemiholo kaDisemba

by | 8 January 2025

NGUSHAUWN Mkhize (kwesokudla) onguMengameli weRoyal AM, no-Andile Mpisane onguSihlalo wekilabhu.

UMENGAMELI weRoyal AM uShauwn Mkhize uthi nakuba le kilabhu ibhekene nezinkinga, kodwa benza konke okusemandleni ukulungisa inkinga yokungaholelwa kwezisebenzi imiholo kaDisemba.

“Siyabuqonda ubunzima izisebenzi zethu ezibhekene nabo futhi sidlulisa ukuxolisa okukhulu kuzona nasemindenini yazo,” kusho uMaMkhize esitatimendeni asikhiphe namuhla ngoLwesithathu.

Uthe ikilabhu isebenzisana eduze nomlawuli ukuthola imvume yokudedela imali yemiholo yezisebenzi ezingaholile okubalwa kuzona nabadlali nethimba labaqeqeshi.

Le kilabhu ingaphansi kweso lomlawuli, uMnu JacoVenter, ngokomyalelo weSars, njengoba umnikazi wayo esolwa ngokukweleta umqoqintela imali elinganiselwa ku-R40 million.

Nangaphezulu kwalokho le kilabhu yagwetshwa yiFifa ukungasayini abadlali abasha njengoba ikweleta umgadli waseSerbia uSamir Nurkovic u-R15 million.

Ekuqaleni kwaleli sonto kuvele ukuthi abadlali badube ukuza ejimini yekilabhu, bekhala ngokungaholi, okuholele ekutheni kuhlehliswe umdlalo weThwihli Thwahla neChippa United obekumele ugijinywe ngoMgqibelo eNelson Mandela Bay Stadium.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...