Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 UMaMkhize uthi bayayisebenza eyemiholo kaDisemba

UMaMkhize uthi bayayisebenza eyemiholo kaDisemba

by | 8 January 2025

NGUSHAUWN Mkhize (kwesokudla) onguMengameli weRoyal AM, no-Andile Mpisane onguSihlalo wekilabhu.

UMENGAMELI weRoyal AM uShauwn Mkhize uthi nakuba le kilabhu ibhekene nezinkinga, kodwa benza konke okusemandleni ukulungisa inkinga yokungaholelwa kwezisebenzi imiholo kaDisemba.

“Siyabuqonda ubunzima izisebenzi zethu ezibhekene nabo futhi sidlulisa ukuxolisa okukhulu kuzona nasemindenini yazo,” kusho uMaMkhize esitatimendeni asikhiphe namuhla ngoLwesithathu.

Uthe ikilabhu isebenzisana eduze nomlawuli ukuthola imvume yokudedela imali yemiholo yezisebenzi ezingaholile okubalwa kuzona nabadlali nethimba labaqeqeshi.

Le kilabhu ingaphansi kweso lomlawuli, uMnu JacoVenter, ngokomyalelo weSars, njengoba umnikazi wayo esolwa ngokukweleta umqoqintela imali elinganiselwa ku-R40 million.

Nangaphezulu kwalokho le kilabhu yagwetshwa yiFifa ukungasayini abadlali abasha njengoba ikweleta umgadli waseSerbia uSamir Nurkovic u-R15 million.

Ekuqaleni kwaleli sonto kuvele ukuthi abadlali badube ukuza ejimini yekilabhu, bekhala ngokungaholi, okuholele ekutheni kuhlehliswe umdlalo weThwihli Thwahla neChippa United obekumele ugijinywe ngoMgqibelo eNelson Mandela Bay Stadium.

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...