
UMENGAMELI woMkhonto weSizwe Party (MKP) uMnu Jacob Zuma useqoke indodakazi yakhe uNkz Thuthukile Zuma ukuba yisekela likanobhala weqembu obambile.
UZuma uphinde wakhipha umyalelo wokuthi uNkz Zuma afungiswe ukuba yilungu lephalamende. Esitatimendeni seMKP, kuvele ukuthi uNkz Zuma unomlando omuhle kwezombusazwe yingakho eqokiwe. Esinye isizathu kuthiwe ngenxa yamava akhe uzoqinisa ikhokhasi yeMKP. UMengameli Zuma uphinde waqoka ngokusemthethweni uMnu Sifiso Mahlangu ukuba wumkhulumeli weMKP. Yize uMahlangu ebevele ekusona lesi sikhundla kodwa ubengakaqokwa ngokusemthethweni kodwa ubebambile.
Unobhala obambile, uNkz Lindiwe Mtshali, kuthiwe uzoqhubeka abambe. UNkz Mtshali ubambe lesi sikhundla emva kokuxoshwa kukaNobhala jukelele weMKP, u-Adv Sibonelo Nomvalo.
Kwenzeka lokhu nje indodakazi kaZuma, uNkz Duduzile Zuma-Sambudla noMnu Nhlamulo Ndhlela ababexoshwe kwiMKP, basanda kuvunwa yinkantolo ethe ababuyiselwe eqenjini nasezikhundleni zabo zokuba ngamalungu ephalamende. Inkantolo iyalele uSomlomo wephalamende nekhomishana yokhetho ukuthi benze izinhlelo zokuthi babuyiselwa ephalamende engakapheli amahora angu-48 kuphume isinqumo.
Ngokobuholi obuphezulu njengamanje kwiMKP, kukhona uZuma ongumengameli, kube yindodana yakhe uMnu Duduzane Zuma oyisekela likamengameli lokuqala bese kuba yindodakazi yakhe uNkz Thuthukile Zuma kwesesekela likanobhala elibambile.
tndlovu@ilanganews.co.za







