Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Umndeni kaSosayensi ucela ahlonishwe ngomngcwabo kahulumeni

Umndeni kaSosayensi ucela ahlonishwe ngomngcwabo kahulumeni

by | 10 February 2025

UMNDENI kaSosayensi waKwaNongoma, uNkz Senamile Masango, usubhalele uMongameli uMnu Cyril Ramaphosa incwadi ucela ukuba ahlonishwe ngomngcwabo kahulumeni wesigaba sesibili.

Umndeni waKwaMasango uthi likhulu iqhaza elibanjwe yindodakazi yabo emkhakheni wezemfundo kanjalo nasekukhuthazeni intsha yamantombazane ukuthi ingahambeli kude nalomkhakha. Uthi ukuhlonishwa kwakhe kuleli zinga kuzophinde kugqugquzele abakulomkhakha obaluleke kangaka.

USenamile obeyi-Nuclear Scientist, uthathwa njengabanye besifazane abamnyama ababe ngumhlahlandlela kulo mkhakha. Ushone esenza iPhD in Nuclear Science. Le ntokazi ixinwe wukugula ngonyaka odlule yaze yaphambana ngokwengqondo ngokusho komndeni wakhe.

Ululamile nokuthe ngasekuqaleni kwalonyaka waquleka ebhanoyini elibangise eGoli lapho bekuyobungazwa khona abafundi abaphase kahle umatikuletsheni. Ushonele esibhedlela esiseGoli, iHelen Joseph ngoMgqibelo ebusuku.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...