Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Umndeni kaSosayensi ucela ahlonishwe ngomngcwabo kahulumeni

Umndeni kaSosayensi ucela ahlonishwe ngomngcwabo kahulumeni

by | 10 February 2025

UMNDENI kaSosayensi waKwaNongoma, uNkz Senamile Masango, usubhalele uMongameli uMnu Cyril Ramaphosa incwadi ucela ukuba ahlonishwe ngomngcwabo kahulumeni wesigaba sesibili.

Umndeni waKwaMasango uthi likhulu iqhaza elibanjwe yindodakazi yabo emkhakheni wezemfundo kanjalo nasekukhuthazeni intsha yamantombazane ukuthi ingahambeli kude nalomkhakha. Uthi ukuhlonishwa kwakhe kuleli zinga kuzophinde kugqugquzele abakulomkhakha obaluleke kangaka.

USenamile obeyi-Nuclear Scientist, uthathwa njengabanye besifazane abamnyama ababe ngumhlahlandlela kulo mkhakha. Ushone esenza iPhD in Nuclear Science. Le ntokazi ixinwe wukugula ngonyaka odlule yaze yaphambana ngokwengqondo ngokusho komndeni wakhe.

Ululamile nokuthe ngasekuqaleni kwalonyaka waquleka ebhanoyini elibangise eGoli lapho bekuyobungazwa khona abafundi abaphase kahle umatikuletsheni. Ushonele esibhedlela esiseGoli, iHelen Joseph ngoMgqibelo ebusuku.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...