
ZITHWELE kanzima iziguli nezisebenzi zasesibhedlela sikahulumeni iPrince Mshiyeni Memorial, eMlazi, njengoba kuthiwa sekuyophela amasonto amabili amanzi engabonwa, okwenza iziguli zihlale izinsuku zingagezile.
ILANGA lithole ngomthombo walo ongaphakathi kulesi sibhedlela ukuthi isimo sibi kakhulu, kuphoqeleke ukuthi izisebenzi zesibhedlela zifike namanzi athengiwe, iziguli zilethelwe imindeni yazo, kanti abanye bawathutha emathangini akulesi sibhedlela bawahambise emawodini adingeka kuwo.
“Sekunesikhathi amanzi engekho lapha esibhedlela ngoba mina ngibuye ekhefeni ukuqala kwesonto eledlule kuvele kuthiwa awekho. Kulezi zinsuku ezimbili ngibuyile iziguli ezikwi-wodi engesebenza kulo bezilala zingagezile. Isimo besinzima njengoba kwi-wodi yalaba ababelethile, onina bezingane bebezithuthela amanzi. Iziphathimandla zalapha esibhedlela zithumele umbiko ngoLwesine uma ngingaphosisi zisitshela ukuthi kumele silungisele ukuththa amanzi azohlinzekwa ngamaloli kulesi sibhedlela,” kusho umthombo.
ILANGA linikele kulesi sibhedlela ngoLwesihlanu liyozibonela ngokwalo, nokuthe uma lingena esangaweni lakhangwa yizindlu zangasese ezingomahamba nendlwana. Onogada balesi sibheldlela balitshele ukuthi zifike ngemuva kokuphela kwamanzi, zisetshenziswa yizisebenzi zesibhedlela neziguli. Libe selizungeza ngaphandle, laqaphela ukuthi ngaphandle kwazo zonke izakhiwo zalesi sibhedlela kunalezi zindlu zangasese. Khona ngaphandle, ILANGA beliphambana namaloli oMnyango wezeMpilo abelethe amanzi ewafaka emathangini akulesi sibhedlela.
Ngaphakathi leli phephandaba beliphambana nezisebenzi zalo mnyango ebeziqhuba izigubhu zamanzi eziwo-5 litha ziwahambisa emawodini nakwezinye izindawo abedingeka kuzo. Kwelinye lamagumbi agcina imipahla yasesibhedlela lizithele phezu kwamabhokisi amaningi amanzi athengwayo. Lidlulele ezindlini zangasese ezingaphakathi esibhedlela, isimo sezinye zazo bezisesimweni esingajabulisi njengoba bezingcole ngendlela exakile, yize bezisavulelekile kwabazothola ukwelashwa. Izisebenzi zalesi sibhedlela ezikhulume naleli phephandaba zilitshele ukuthi bezaziswe ukuthi amanzi azobuya ngaphambi kokuphela kwesonto eledlule. Zizwakalise ukukhathazeka ngenhlanzeko kulesi sibhedlela njengoba ingenye yezinto ezibalulekile emkhakheni wezempilo.
“Ngiyamangala uma kuphela leli sonto amanzi engekho njengoba besithenjiswe ukuthi azobuya. Ukungabikho kwawo kusisebenzisa kanzima njengoba amanzi engezinye zezidingo ezibalulekile lapha esibhedlela,” kusho isisebenzi.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uMnu Ntokozo Maphisi uthi ukungabikho kwamanzi eMshiyeni kuhambisana nokuphela kwamanzi eMlazi.
“Ukungabikho kwamanzi esibhedlela inkinga ebhekene noMasipala weTheku. Okwethu njengomnyango ukuthi siqinisekise ukuthi sibanazo izindlela zokubhekana nale nkinga uma kwenzeka ihlasela, enye yazo ke ukuletha amanzi ngamaloli njengoba kwenzeka eMshiyeni,” esho.
Ebuzwa ngohlelo lokuhlinzeka amanzi kulesi sibhedlela ezimweni eziphuthumayo, uthi lokho kuwusebenzi weminye iminyango kahulumeni.
“Esibhedlela umnyango uhlukene ngezigaba kukhona abaqokelwe ukusifakela ugesi kanjalo nabamanzi. Ukuqhamuka nohlelo olunjalo kungabe kusho ukuthi sesithatha imisebenzi yeminye iminyango. Lokho thina singakwenza uma sekuphele isikhathi eside, esicela onyakeni inkinga ingalungisiwe,” kusho uMaphisa.







