Ilanga News
Home 9 Featured 9 Umasipala waseMhlathuze usufakwe enkantolo

Umasipala waseMhlathuze usufakwe enkantolo

by | 8 July 2025

INHLANGANO i-African Movement Congress (AMC) isifake uMasipala waseMhlathuze, okuyiMpangeni neRichards Bay, enkantolo. Ikhononda ngokuthi ukuqoqwa kwemfucuza ezindaweni ezingaphansi kwalo masipala selokhu kwagcina phakathi kwenyanga kaNhlangulana (June).

Amalungu eSouth African Municipal Workers Union (Samwu) angena esitelekeni, ekhala ngokuthi awakhokhelwe imali yamahora engeziwe futhi nezimo zokusebenza kazikho esimeni esihle.

UMnu Ethan Ramkumar uthi umasipala, esikhundleni sokuxazulula izinkinga zezisebenzi ugijime waya enkantolo, ufuna iziphoqe zibuyele emsebenzini, kodwa wachithwa yinkantolo.

Icala elivuliwe lingaphansi koMthetho iNational Environmental Management.
menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...