Ilanga News
Home 9 Featured 9 Umasipala waseMhlathuze usufakwe enkantolo

Umasipala waseMhlathuze usufakwe enkantolo

by | 8 July 2025

INHLANGANO i-African Movement Congress (AMC) isifake uMasipala waseMhlathuze, okuyiMpangeni neRichards Bay, enkantolo. Ikhononda ngokuthi ukuqoqwa kwemfucuza ezindaweni ezingaphansi kwalo masipala selokhu kwagcina phakathi kwenyanga kaNhlangulana (June).

Amalungu eSouth African Municipal Workers Union (Samwu) angena esitelekeni, ekhala ngokuthi awakhokhelwe imali yamahora engeziwe futhi nezimo zokusebenza kazikho esimeni esihle.

UMnu Ethan Ramkumar uthi umasipala, esikhundleni sokuxazulula izinkinga zezisebenzi ugijime waya enkantolo, ufuna iziphoqe zibuyele emsebenzini, kodwa wachithwa yinkantolo.

Icala elivuliwe lingaphansi koMthetho iNational Environmental Management.
menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...