Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Umbhishobhi uphumela obala ngofata ‘abamiselwe ubungoma’

Umbhishobhi uphumela obala ngofata ‘abamiselwe ubungoma’

by | 26 March 2026

UPHUMELA obala umBhishobhi wamaRoma aKhatholika, eThekwini, uMandla Jwara (osesithombeni), ucacisa ngokunikwa ikhefu kofata ababili, phambilini okubikwe ukuthi bamiselwe ukwenza “imikhuba” ehambisana nobungoma.

Exoxa neLANGA umBhishobhi Jwara – mayelana nokumiswa kukaFata uSfiso Ndlovu weChurch of Immaculate Conception ePinetown, noThembelani Ngcobo weSacred Heart Church, eMontclair – uthe waxoxa nabo ngokumiswa kwabo, futhi akekho kubona owaba nenkinga ngalokho, ngoba bayalazi iqiniso. 

Uthe ziyamxaka izikhalo zamalungu ebandla lasePinetown, angahambisani nokumiswa kukaFata Ndlovu, ngoba yena waxoxa naye futhi bavumelana.

“Nginamapherishi amaningi engiwabhekile, futhi ngihlala ngibashintsha ofata kungabi nankinga. AbasePinetown kuyacaca ukuthi kunezinhloso ezithile esingazazi, ngoba uNdlovu akanankinga, futhi akaphoqiwe. Sivumelene ngokuthi uyagcina khona. 

“IBandla lamaRoma kalilwi namasiko kumalungu ebandla, kodwa kakuvumelekile kumuntu onguphristi wakhona ukuzihlanganisa nezinto ezinjalo. Okunye okumele nikwazi ukuthi iPherishi yasePinetown inabelungu abakhonza khona, engingakaze ngizwe ukuthi bayingxenye yezikhalo ngokuhamba kukaFata Ndlovu. 

“Kumele nizibuze ukuthi kungani bona bengekho ezikhalweni. Nakubantu abamnyama, bakhona abangawakhonzi amadlozi, esingezwa sikhalo esiqhamuka kubona ngokunikwa ikhefu kukaFata Ndlovu,” kusho umBhishobhi uJwara.

Uthe konke kuzoqhubeka njengoba kuhleliwe. Uthe kuwona wonke amapherishi kuba nesigungu esisetshenziswayo ukudlulisa umbiko, noma isikhalo. Uthe nakhona ePinetown sikhona esakhona, abanesikhalo kumele babike kusona, kodwa bazi ukuthi akwenzayo uvumelene noFata Ndlovu.

Amalungu ePherishi yasePinetown ake anikela eSt Joseph, eThekwini, lapho umBhishobhi Jwara esebenzela khona – eyokwethula izikhalo zawo – kodwa angamthola. Umbhishobhi uthe okwenze angamthola, yingenxa yokuba matasa. Uthe ezinye izikhalo bake bacele konobhala babo ukuthi bazemukele, bese bona beyazicwaninga uma sebebuyile. 

Ezinye uthe zisuke zingadingi ngisho yena njengombhishobhi, yingakho behlala befuna ukuthi umuntu aqale konobhala – achaze eze ngakho – ngaphambi kokuba bahlele ukuhlala phansi naye, baxoxe. Uthe uma engaveza i-diary yakhe, kungacaca ukuthi akanaso ngisho isikhathi sokuphumula.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...