Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Umculi ulwa nokufunda nokufundiswa komculo wasentshonalanga emanyuvesi

Umculi ulwa nokufunda nokufundiswa komculo wasentshonalanga emanyuvesi

by | 18 May 2025

ULWA nokufunda nokufundiswa komculo wasentshonalanga umculi we-jazz, uDkt Sibusiso Mashiloane obethweswa iziqu zobudokotela yi-University of KwaZulu Natal, eThekwini.


Lo mculi oyi-pianist, icomposer aphinde futhi abe nguthisha womculo uthi lolu hambo kaluzange lube lula. “Kuphele iminyaka ewu-6 ngizama, ngaphazamiseka ngesikhathi seCovid, kahle-hle bekumele engabe kungithathe iminyaka emine,” esho.


Echaza ngocwaningo lwakhe uthi belugxile emculweni wesintu. “Sekube yisikhathi eside umculo wakithi ubukelwa phansi, kanti uwumculo onothile okudingwa kufundwe ngawo, uxoxa ngezinto eziningi esingaba usikompilo nemvelaphi. Ezikhungweni zethu kugcwala umculo wabamhlophe ngenxa yokuthi kuqashwa ngebala nepolitiki -lo wakithi usale ngemuva bese kuba sengathi kasinalo usiko noma imvelaphi,” esho.

Ocwaningweni usebenzise izinkakha emculweni we-jazz okunguHugh Masekela noBheki Mseleku. Uthi ngesikhathi uHugh eseMelika bamyalela ukuba agxile emculweni wesintu angakopeli uhlobo lomculo oluculwa yibo ukuze ehluke futhi akhulise nemvelaphi. “Ngibe sengibheka ukuthi iziphi ezinye izingoma ezikhona abuyele kuzona ngesikhathi ebuyela emculweni wakithi, njengale esihloko sithi ‘Bajabula Bonke Mangibuyela Ekhaya’ ngenhloso yokuzama ukuxhumana nomsuka wakhe.

Kanti ngapha uBheki Mseleku yena waqhamuka ne-album ethi ‘Home At Last’eyabe iyisigqi sasekhaya,” kuchaza uMashiloane.
Kulolu hambo uthi ugqugquzelwe ngabantu abaningi abala kubo uMarlyn Ntsele, uSazi Dlamini, uDkt Nduduzo Makhathini ongumculi we-jazz noBishop Nathi Zondi othi ubekugqugquzela ukubuyela esikoleni.


UMashiolane ugqugquzela ozakwabo emculweni ukuba baqhubeke nemfundo. “Bangahambi nethalente kuphela kepha mabafake nemfundo, into enhle ngemfundo wukuthi ihamba nolwazi olungapheli. Lokhu kusiza ngisho uma ufika emazweni angaphandle ukuba ukwazi ukubachazela ngomculo wakho,” esho.


Uthi akamile nemfundo, unsesifiso sokuqhubeka aze afinyelele ezingeni lobusolwazi lapho ezobe ebhala khona ngomculo wesintu, kube nencwadi. Umculo ofana noZim Ngqawana, uMadosini, uMadala Kunene nabanye.

Ezisematheni

Umlando uRamaphosa ebangusihlalo weSADC

Umlando uRamaphosa ebangusihlalo weSADC

NGUMENGAMELI wakuleli uMnu Cyril Ramaphosa nowaseZimbabwe uMnu Emmerson Mnangagwa. UMENGAMELI waseNingizimu Afrika uMnu Cyril Ramaphosa, usenguSihlalo weSouthern African Development Community (SADC). Uqokelwe kulesi sikhundla ngoMsombuluko, ethatha izintambo...

UDuduzane uthi akazele izikhundla kwiMK Party

UDuduzane uthi akazele izikhundla kwiMK Party

USEPHAWULE okokuqala uDuduzane Zuma ngokuqokwa kwakhe ukuba yiphini lokuqala likaMengameli weMK Party. Leli qembu lenze izinguquko emasontweni edlule, lakhipha ezikhundleni abantu abebethathwa njengezinsika zayo, uMnu Nathi Nhleko noDkt John Hlophe. UDuduzane,...